IChippa ‘seyibuyele’ kwiPremiership ngemuva kokuntshontsha iphuzu kwiBay

IChippa 'seyibuyele' kwiPremiership ngemuva kokuntshontsha iphuzu kwiBay
UMokhele Maloisane weChippa United
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Asemahle amathuba okuthi iChippa United ijike ingabe isaqhubeka nendlela ebheke ehlathini, kodwa ibuyele kwiDStv Premiership. Lokhu kulandela ukuthi leli qembu eliqede endaweni ka-15 kwiPremiership ngesizini edlule likwazile ukuphuma nephuzu emdlalweni walo wesithathu kweyokuhlunga.

IChippa seyinamaphuzu ayisikhombisa, kanti isishoda ngamathathu ukuthi iqinisekise indawo yayo kwiligi enkulu kuleli. Leli qembu elidume ngokuxosha abaqeqeshi njalo, lashaya iRichards Bay ngo 2-1 emdlalweni walo wokuqala, labe seliwacosha ngaphandle kokudlala kowesibili.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi iRoyal AM ingafikanga ukuzodlala nabo ngoLwesibili. Leli phuzu elicoshe eMhlathuze Sports Complex ngoMgqibelo ntambama yilo eseliyibeke ebuhleni. Lawa amathathu eshoda ngawo kufana nokuthi seyivele inawo njengoba izodlala neRoyal AM emdlalweni wokugcina.

Akubonakali iRoyal AM ingajika umqondo iqhubeke nale midlalo. Umdlalo wangoMgqibelo uqale ngegiya eliphansi futhi yize lamaqembu ewakhile amathuba ngesiwombe sokuqala, kodwa awawasebenzisanga.

FUNDA NALA: Bambona ezophuthelwa yithuba leNdebe yoMhlaba okhuhla ibhentshi kwiSundowns

Esesibili siqale ngesivuthevuthe futhi iChippa isindele unozinti wayo u-Ismael Watenga ovimbe ibhola leRichards Bay sekuvalwe amehlo zibuya nje ekhefini.

Kodwa kube yizivakashi ezilithola kuqala igoli ngesikhathi uMaloisane Mokhele ebekela uPeter Maloisane elihle ibhola ephakathi ebhokisini leNatal Rich Boyz. Akabange esacucuza, walinamathisela enethini kwaba ngu 1-0.

Kodwa kuthe seyizitshela ukuthi seyiqedile njengoba bese kusele imizuzu engaphezulu kancane kwengu-15 umdlalo uphele, yalithola elokulinganisa iBay. USiyabonga Vilane ungqofele phakathi ibhola ebeligotshwe kwesokunxele ngomzuzu ka-73.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.