Icishe yazifaka enkingeni iPirates iyeka amathuba

Pirates
UGabadinho Mhango
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kugqame ukugeja kwi-Orlando Pirates ngesikhathi iwina sekuvalwe amehlo ngo 2-1 ibhekene neBaroka FC emdlalweni weDStv Premiership eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesithathu.

Abadlali ababonakalise ukuba buthuntu kweZimnyama uGabadinho Mhango, ogeje waze wakhishwa, Happy Jele (ukaputeni) noDeon Hotto. Lokhu kugeja kwePirates bekuyibeka engozini ngoba iBaroka icishe yashaya igoli lesibili obekubukeka ibizoyingcwaba iBucs ukube ilishayile igoli.

Ukukhishwa kukaMhango, okunguyena oshaye igoli lokulinganisa, kuze noshintsho kweZimnyama ngomzuzu ka-88 ngesikhathi kungu 1-1. Endaweni kaMhango kungene uTerrence Dzvukumanja oshaye igoli lokuwina lePirates.

Ngempelasonto eZimnyama zishaywe yiTS Galaxy ngo 1-0. Lokhu bekwenza kube nzima ukufeza iphupho lazo lokuqeda endaweni yesibili ukuze zidlale kwiCAF Champions League. Nokho libuyile ithemba njengoba iwinile kodwa isizokwazi kuphela ukudlala kwiCAF Confederation Cup uma iqeda endaweni

yesithathu.

AmaZulu FC azoqeda endaweni yesibili noma kungathiwa ayashaywa emdlalweni wokugcina. Njengamanje Usuthu lunamaphuzu angu-53 kanti iBucs inawu-49. AmaZulu azoyibamba kwiChampions League okokuqala emlandweni wawo, ngesizini ezayo.

Ukushaywa kweLamontville Golden Arrows ngo 3-2 yiKaizer Chiefs, nakho kuyisizile iBucs njengoba ukulahla amaphuzu kwaBafana Bes’thende kuwelise iPirates ngelibanzi. Emdlalweni wokugcina iPirates izobhekana neTshakhuma Tsha Madzivhandika ngoJuni 5 e-Olrando Stadium. Yonke imidlalo yokuphetha isizini izodlalwa ngalolu suku nokuyilapho indebe izonikwa khona iMamelodi Sundowns, engompetha besizini ka-2020/2021.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.