ICitizens isaqhubeka nokubangwa nezibi kweyeDStv Premiership

Sihle Ngubo

ICape Town City FC isazolinda ngaphambi kokuthi ithole iwini yayo yokuqala kule sizini yeDStv Premiership ka-2022/2023.

Leli qembu laseKapa liphinde lahluleka ukuthola amaphuzu aphelele ngesikhathi libambana neMaritzburg United ngo 0-0 emdlalweni wePremiership e-Athlone Stadium ngoLwesibili ebusuku. ICitizens seyidlale imidlalo emine yeligi, yashaywa kwemithathu yase idlala ngokulingana kowodwa.

Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu elicijwa ngu-Eric Tinkler selidlale imidlalo emihlanu yeligi ilandelana lihluleka ukuwina, uma kubalwa nowasekupheleni kwesizini edlule lapho lishaywe khona yiStellenbosch FC.

Okufanele kukhathaze uTinkler ngokungawini kweqembu lakhe ukuthi kusazoshuba kakhulu njengoba lisazodlala nemidlalo yeCAF Champions League. ICitizens iqede endaweni yesibili kwilogi yePremiership ngesizini edlule nokuyinika igunya lokudlala imidlalo yeCAF.

Okuhlalukayo njengamanje ukuthi iCitizens iyawakha amathuba kodwa bese ihluleke incame ukubeka ibhola enethini. Esinye isifo elinaso leli qembu esokufike lihambe phambili bese libuye liyilahle ekugcineni ligcine lishayiwe. Kwenzeke okufanayo libhekene neSwallows FC (3-2) naMaZulu FC (2-1).

NgoLwesibili bekuvimbe uDarren Keet kwiCitizens kanti ezivele kuleli qembu ezokuthi uHugo Marques usephindele kubo e-Angola ngenxa yezizathu ezithinta yena.

Ngasohlangathini lweMaritzburg kucisho kube wukugula okufanayo njengoba nayo ingakawini emidlalweni emine. Isakwaze ukudlala ngokulingana kathathu yase ishaywa kanye.

Emdlalweni wangoLwesibili la maqembu azamile ukwakha amathuba kodwa ehluleka womabili ukuwasebenzisa ngendlela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *