ICitizens iyeke ithuba lokuziphindiselela ibambana neChilli Boys

UMaloisane Mokhele weChippa United ugeje elilula igoli bebhekene neCape Town City

SIHLE NDLOVU 

Ihlulekile ukuziphindiselela iCape Town City ngesikhathi ibhekene neChippa United  emdlalweni weDStv Premiership eSisa Dukashe Stadium, eMdantsanengoLwesithathu ntambama. 

La maqembu aye emdlalweni wangoLwesibili kungakapheli nezinsuku ezingakhi kade ebhekene emdlalweni weNedbank Cup Last 16 ngempelasonto. Kulo mdlalo weNedbank Cup kugcine kuwine iChippa ngo 2-1, yadlulela kuma-quarterfinal. 

NgoLwesithathu amaqembu abedlala ngendlela ecishe ifane nangempelasonto kodwa kubhoke ukugeja uma esefika emapalini. 

Womabili amaqembu abebukeka ekhululekile uma ephethe ibhola kodwa yiChippa ebithola isikhathi esiningi ebholeni. Nokho akukho okutheni okwenzekile ngesiwombe sokuqala ngaphandle kokuthi amaqembu abengafuni ukudedelana kakhulu ebholeni, ikakhulukazi esiswini. 

KwiCitizens kubonakale u-Aubrey Ngoma obesenesikhathi agcina ukudlala ngenxa yokulimalaUNgoma ubukeke engemubi neze uma kubhekwa ukuthi uhlale isikhathi kakhulu engadlaliUmdlalo uye ekhefini kungu 0-0 kanti ngaleso sikhathi inkungu ibisikhasa phansi inkundla yonke. 

Ngesiwombe sesibili kube yiCitizens ethole ithuba lokushaya igoli kuqalaIbhola ebelingqofwe uJustin Shonga, othole ibhola ebeligotshwe uThami Mkhize, liphume kancane eceleni kwepali ngomzuzu ka-54. Ngomzuzu ka-56  uTumiso Mogakweongene endaweni ka-Andile Mbenyane ophume eselimeleukhe amaphilidi ibhola laphuma phezulu kakhulu kwamapali. 

Ngemuva kwalokho akukho okutheni okwenzekile ngaphandle kokuthi amaqembu abeseqaphene lingekho elifuna ukwenza iphutha. 

UMalosiane Mokhele uthole elihle ithuba lokuntshontshela iChilli Boys amaphuzu ngomzuzu ka-88 kodwa wahluleka sekumele aqedele esebhokisiniIbhola lakhe liphume eceleni kwepaliEkugcineni amaqembu agcine abelene ngamaphuzu. 

Akungabazeki nokho ukuthi lo mqhumela uzokwehla kangconywana kwiCitizens ngoba ibisekuhambeni futhi ishayiwe koweNedbank Cup ngeSonto. 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.