ICity ibukise ngaMatsatsantsa koweligi

UFagrie Lakay

OKADONGA GUMBI

Kube wumdlalo abeSuperSport United abazofuna ukusheshe bakhohlwe yiwo njengoba kukhombisile ukuthi sebenesikhathi bagcina enkundleni beshaywa yiCape Town City ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership eCape Town Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Bese kunesikhathi esicela enyangeni iqembu likaKaitano Tembo lagcina ukudlala kanti lokhu kuhlale obala.

Abengamaningi amathuba esiwombeni sokuqala njengoba lamaqembu abesathengana, lingekhi elifuna ukugqashula lesabela ukuthi lingase lisale livulekile emuva.

Nokho izinto zijikile ngomzuzu ka-32 ngesikhathi iCity ibekelwa iphenathi, uFagrie Lakay wamphambanisa nebhola unozinti weSuperSport, uRonwen Williams kwaba ngu 1-0, okuyiwe ngawo ekhefini.

Amatsatsantsa a Pitori abe nenhlanhla ukuthi uDithlokwe Thatayaone angalitholi ikhadi lesibili eliphuzi ngalento ayenzile kuze kuba yiphenathi.

Empeleni nje unompempe ube nomusa kuye kwazise ubesanda kumxayise ngelinye emizuzwini embalwa ngaphambi kwalesi sigameko.

Esiwombeni sesibili, iSuperSport ibuye seyingcono kakhulu futhi ukufakwa kukaSipho Mbule, othathe indawo kaJamie Webber kuyenze yamandla phambili.

Kodwa kuthe kusenjalo, ifuna igoli lokubuya kulo mdlalo, izinto zonakala emuva ngomzuzu ka-64 njengoba iCity ishaye elesithathu kulandela umnyakazo osheshayo futhi omuhle woMpho Makola, Surprise Ralani noThabo Nodada. Uphethe ngokuthi uMakola aphushele ibhola enethini.

UTashrique Morris ucishe walibasela enethini naye ngomzuzu ka-72 ngemuva komnyakazo omuhle abewudlala noLakay, kodwa uWilliams wakwazi ukulivimba ibhola lakhe.

Ngomzuzu ka-78, iMduduzi Mdantsane ubethi naye uyayibhakuzisa inethi kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini ekubeni uWilliams ubengeke esalifica.

UMorris – obezama ephindelela ukuthola igoli – ugcine ephumelele ngomzuzu ka-85, washaya elesithathu elivele layithena amandla iSuperSport, kwacaca ukuthi iphume inqina kamabuyaze eKapa.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.