ICity idedelele elase-Egypt uLakay, yavala isikhala ngowaseVenezuela

ICity idedelele elase-Egypt uLakay, yavala isikhala ngowaseVenezuela
UDarwin Gonzalez
OkaDonga Gumbi

ICape Town City izenze isinyelela izinto zayo ngesikhathi kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali likaJanuwari elivaleke ngoMsombuluko kusihlwa.

Leli qembu laseKapa lidedele abanye ababdlali balo abamqoka kodwa lazisayinela oyedwa nje vo.

ICity idayisele iPyramids SC yase-Egypt umgadli wayo oyingozi uFagrie Lakay ekumemezele ngalo usuku lokugcina lokudayiselana ngabadlali ukuthi usehembe.

Ibeseyisivala ngoDarwin Gonzalez isikhala sakhe. ULakay useyohlangana nezinye izinsizwa eziphephezelisa ifulegi lakuleli e-Egypt. 

Labo ngoPitso Mosimane, Kabelo Ragoaga, Musi Matlaba – abasethimbeni eliqeqeshayo kwi-Al Ahly – noPercy Tau ongumdlali kuzo lezi zinkunzi. 

NoRoger De Sa usebenza khona e-Egypt njengoba eyiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe lakhona uCarlos Quirez.

ULakay useneminyaka engu-24 kuphela kodwa amava asenawo ayamangalisa. Angithi waqala ukudlala ezingeni elikhokhelayo eseyintwana kwiSantos.

Wangena nakwiBafana Bafana eneminyaka engu-17 kuphela isaqeqeshw anguShakes Mashaba. Useke wadlala nawkiSuperSport United ngaphambi kokuthi aye kwiCity.

FUNDA NALA: Unompempe owabamba iBafana inkunzi uzifake ehlazweni kwi-Afcon

AbePyramids baveze ukujabula okuyinqaba ngesikhathi bemukela lo mgadli eqenjini labo bethi sebejahe ukumbona egadulisa izimbangi zabo eJune 30 Stadium okuyinkundla yabo yasekhaya.

ICitizens isivale ngoGonzalez oneminyaka engu-26 isikhala sakhe kanti uma kuya ngamava akhe naye, cishe ithole umdlali okhaliphile.

ICity idedele no-Abubaker Mobara osesayinwe AmaZulu njengoba ezama ukuqinisa iqembu ukuze akwazi ukwenz akahle kwiCaf Champions League.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.