ICity neChiefs bahubhe utalagu baze bakhathala bengalufici

ICity neChiefs bahubhe utalagu baze bakhathala bengalufici
OkaDonga Gumbi

Kugcine ngokushunqa kukhombisa ukuthi kungase kube khona umlilo kodwa wagcina ungathuthanga iCape Town City ibambana neKaizer Chiefs kwiDStv Premiership ngoLwesibili kusihlwa.

La maqembu azame konke abengakwenza ukuthi akhohlwe wukuthi aphuma endukwini enzima ulo mdlalo obuseCape Town Stadium kodwa abhajwa.

Bekulula ukubona ukuthi womabili amaqembu ayethukela kulandela ukuhlulwa kwawo okube buhlungu ngempelasonto edlule.

IChiefs yiyo ebonakale ishesha ukwehlisa umoya ingene egiyeni, yaqala yahlanganisa iminyakazo engconywana uma iya phambili.

Nokho okuphinde kwacaca wukuthi ayikho bukhali kwazise ibingenaye umgadli ogijima aye ebhokisini uma iphethe ibhola.

Yize beyicindezela iphindelela, kodwa ayizange ike imhlole ukuthi ukusiphi isimo unozinti weCity uHugo Marques.

NeCity ibe nayo iminyakazo ebigcina ifike ebhokisini leChiefs kodwa nayo beyingakhombisi bungozi futhi uBrandon Petersen ugcine ngokuvimba amabhola abethunyelwe bekude angenabungozi.

Yize noma yiliphi kulamaqembu abengalishaya igoli esiwombeni sokuqala, kodwa ukuthi kuyiwe ekhefini zisabambene kungekho goli kube wumphumela owufanele lo mdlalo.

Esiwombeni sesibili uStuart Baxter ubonile ukuthi ukungabi naye umgadli kubenza babe buthuntu wabe esedonsa uBeranard Parker wabe esefaka uSamir Nurkovic endaweni yakhe.

FUNDA NALA: Iphinde iThwihli Thwahla iRoyal AM igoba iSekhukhune

Ngemuva kwalokhu kuke kwabukeka sengathi kukhona engakwenza iChiefs njengoba beyisikwazi nokungena ebhokisi leCity. Nokho akukho okungaze kukhulunywe ngakho ekwenzile.

NeCity yenze izinguquko kwangena naKhanyisa Mayo ofike nomdlandla ekhombisa ukulambela ukwelamanisa igoli alishaye kwiRoyal AM bgempelasonto.

Naye kodwa uzame waze wagcina edele inkani ibhola lingafuni qobo ukusondela eduze nenethi. Lo mphumela ubeke iChiefs endaweni yesithathu.

Isinamaphuzu angu-29 – isele ngayisishiyagalolunye kwiMamelodi Sundowns ephezulu – ngemuva kwemidlalo engu-17.

ICity yona isahleli endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-23 ngemuva kwemidlalo engu-17 kanti kuzomele ijike ukwenza uma ifuna ukugcina ingenile kwayisishiyagalombili aqeda phezulu kwilogi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.