ICity seyisayine umdlali wase-US uBender ofuna ukugqama kwiPSL

ICity seyisayine umdlali wase-US uBender ofuna ukugqama kwiPSL
UJordan Bender ongumdlali omusha weCape Town City
Sbongs Gumbi

Kuzomele azibambe ziqine futhi akhombise ikhono elingandile umdlali omusha weCape Town City uJordan Bender uma kuwukuhti uzolithola ijezi kuleli qembu.

Phela kwiCity uBender uzobhekana nenselelo ukuthola ijezi njengoba le ndawo adlala kuyo – esiswini maphakathi nenkundla – leli qembu lihlomile.

Kubadlali azoncintisana nabo ukuthola ijezi uBender singabala oThato Mokeke, Thabo Nodada, Relebugile Mokhuoane, Taahir Goedeman, Fidel Brice Ambina noLuphumlo Sifamba.

Nokho lo mfanyana oneminyaka engu-21 akakhathazekile ngalokho kwazise yinto aseke wabhekana nayo phambilini eqenjini abedlala kulo.

“Ezingeni elikhokhelayo ngidlale kwi-Orlando City futhi bekunzima laphayana,” kushop uBender okungokokuqala ephuma ezweni lakhe i-USA.

“Ngesizini yami yokuqala bengibanga indawo nabadlali abanamava abafana noLuis Nani, kanti bekukhona no(Alexandro) Pato.  

“KOdwa kube kuhle kimi ukufunda kulaba badlali. Ukubona amava nokuziphatha kwabo nekhono labo elibabeke kuleli zinga abese bekulo.  

FUNDA NALA: Ngabe iSuperSport seyiphenduke inkulisa yeSundowns?

“Abadlali abaningi abasebancane bavele balahle ithemba uma bebuka ozakwabo bephumelela kodwa bona kubabhimbela. Abaningi bashiya phansi ngoba kunzima.”  

UBender uthi yize bekunzima eqala njengoba ijezi ebelizwa ngendaba, kodwa wabekezela futhi lokho kwayizala induna njengoba manje esewkiCitizens nje.  

“Mina ngiqhubekile ngasebenza ngokuzikhandla ngizitshela ukuthi ngobona ngizophelelaphi. Ngeke ngiziphakamise manje kodwa la kwiCity ngibona ithuba elihle lokuqhakaza.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *