Iconsisa amathe imidlalo kwiHollywoodbets Super League

Iconsisa amathe imidlalo kwiHollywoodbets Super League
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Kunemidlalo econsisa amathe kule mpelasonto ebholeni labesifaane elikhokhelayo kwiHollywoodbets Super League. Omunye wemidlalo ezodonsa amehlo yilapho i-University of Johannesburg izotholana khona phezulu neqembu lase-

Eastern Cape elingadlali neze kahle kulesi sigaba njengoba lihlezi endaweni ka-13, iThunderbirds Ladies FC.

Lo mdlalo uzakudlelwa ezinkundleni zemidlalo zase-UJ eSoweto Campus ngoMgqibelo ntambama. IMamelodi Sundowns Ladies, okuyiyo eqengqeleza  phambili kwiSuper League, kulindeleke ukuthi iqhubeke nokudlala kahle njengoba ingekahluwa nakowodwa umdlalo.

Inomdlalo ongenzima kakhulu neCoal City Wizards eWitbank. ITshwane University of Technology idlalela ekhaya neTsunami Queens.

I-TUT yavulela isibhaxu esinzima emdlalweni womkhaya la ebibhekene khona ne- UJ. Nakulo mdlalo ibheke ukuwina ukuze iqhubeke nokunonkela kwilogi.

IDurban Ladies izokhiphana inkani neMa-Indies Ladies ekhaya. Leli qembu laseThekwini libhekene nesambane njengoba lihlezi emsileni kwiSuper League, okuyindawo engeyinhle neze eqenjini elifana naleli.

Lo mdlalo uqala nuzoqala ngo 1 emini eChatsworth Stadium. IFirst Touch Academy FC isekuhambeni ePolokwane njengoba izotholana phezulu neJVW FC, eSeshego Stadium.

I-University of Western Cape itholana phezulu neRichmond United ekhaya e-UWC Stadium ngawo uMgqibelo.

NgeSonto uwodwa vo umdlalo okhona nokungophakathi kweGolden Ladies neBloemfontein Celtic Ladies FC. Lo mdlalo uzoba seMafikeng Stadium.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *