UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Twitter
Kubheda uhlelo kwiReal Madrid njengoba inenqwaba yabadlali nabasebenzi abatholwe beneCOVID-19.
NgoLwesibili iLos Blancos iqinisekisile ukuthi uDavid Alaba no-Isco abadlali bakamuva abahaqwe yilo mkhuhlane. Lokhu kuchaza ukuthi sebeyishiyagalombili bebonke manje abadlali beMadrid abangeseyona ingxenye yekhempu yezikaCarlo Ancelotti.
Ngesonto eledlule uMarcelo noLuka Modric, baya kohlaliswa ngabodwana ngoba sebethelelekile iCOVID-19. UGareth Bale, uMarco Asensio,uRodrygo no-Andriy Lunin nabo abaseyona ingxenye yekhempu ngenxa yokugula okuhlasele iqembu.
Nendodana yomqeqeshi u-Ancelloti nephini lakhe uDavide, nabo imiphumela yokuhlolwa kwabo yaveza ukuthi seyibahaqile iCoronavirus.
Bonke ngeke babe khona eqenjini leMadrid elizodlala ne-Atletic Bilbao eSan Mames ngoLwesithathu ebusuku.
Ezika-Ancelloti zizihola phambili ngamaphuzu amahlanu esicongweni seLa Liga. Zilandelwa yiSevilla edlale ngokulingana neBarcelona ngo 1-1 ngoLwesibili ebusuku.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com