ICosmos isola onompempe kwiChampionship, ifuna kuke kuphenywe

ICosmos isola onompempe kwiChampionship, ifuna kuke kuphenywe
UJomo Sono
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IJomo Cosmos ibuye ibabaza isihluku sonompempe emdlalweni wayo eNorthern Cape yanxenxa iSafa ukuthi ike iyifakele izibuko indaba yabo.

ICosmos ihlulwe yiHungry Lions ngo 2-1 kulo mdlalo kanti ayigculisekanga ngendlela unompempe abewuphethe ngayo umdlalo.

“Onompempe bayalibulala ibhola kwiGladAfrica Championship. Ngiyawazwela amaqembu asazodlala lapha eKimberly.

“Namuhla sishaye amagoli amathathu amahle kodwa unompempe wawaphika wonke,” ucashunwe esho kanje uBrice Aka kwiTwitter yeqembu.

U-Aka uyiphini lomqeqeshi uJomo Sono obuye abe ngumnikazi walo leli qembu futhi ongomunye wezinkakha ezihlonishwayo kuleli.

“Esiwombeni sesibili yithi ebesiphethe umdlalo futhi sibacindezelele ngasengxenyeni yabo yenkundla, saphikelwa iphenathi ebisobala ngasekuqaleni kwesiwombe.

“Kodwa sizovuka sizithintithe sibuyele khona empini ngoba sihlanganise iqembu eliqine kakhulu elizokwazi ukuncintisana namanye kule sizini,” kuqhuba u-Aka.

ICosmos beyingaqali ukukhalisa okwe-ambulensi ngenxa yezinqumo zonompempe njengoba nangenyanga edlule yakhala ngokubanjwa ngophondo.

FUNDA NALA: Kunuka udaka kwiGallants, abaqeqeshi abeneme, oyedwa useshiye phansi

Kulokho yayikade ihlawuliswe ngephenathi edla ngakuyo kungafanele kade ibhekene neRichards Bay.

Ezenkosi aziyiqalanga kahle isizini njengoba zisahleli endaweni yesibili ukusuka emsileni ngemuva kwemidlalo emine.

Isaqoqe iphuzu elilodwa okuyinto ezokwenza kube nzima ukuthi ingagcina isemaqenjini alwela ukuwina lesi sigaba bese enyuselwa kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini.

Phezulu kule ligi kuhleli iqembu elisha iPolokwane City Rovers enamaphuzu ayishumi. Ilandelwa yiHungry Lions enamaphuzu ayisishiyagalombili.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.