ICovid ixhile izinhlelo zeBanyana nemidlalo yeSuper League

ICovid ixhile izimhlelo zeBanyana nemidlalo yeSuper League
Abadlali beBloemfontein Celtic
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

ICovid-19 seyophoqe ukuhlehliswa kwemidlalo emithathu kwiHollywoodbets Super League, yaphazamisa nohambo lweBanyana Banyana lokuyozwana amandla neNetherlands. Ukuhlehliswa kwemidlalo yeSuper League kungenxa yokuthi yabadlali abebeyingxenye yeqembu lesizwe ngeke bakwazi ukusheshe babuyele emaqenini abo.

Yize uhambo lweBanyana ebizolibangisa eNetherlands luhlehlisiwe ngenxa yokuthi iCovid-19 idlangile kuleli. Manje abanye babadlali ekade beyingxenye yaleli qembu ngeke bakwazi ukubuyela emaqenjini kwazise kusamele bazigqume ezindlini izinsuku ezilishumi.

Lokhu kwenze ukuthi imidlalo yamanye amaqembu kwiSuper League ihlehliswe. Imidlalo ephazamisekile ngobuzoba phakathi kwe-Univerity of Western Cape neGolden Ladies, Tsunami Queens neMamelodi Sundowns Ladies, University of Johanesburg neJVW.

FUNDA NALA: Laba baphoxa bethenjiwe kwiKaizer Chiefs

Yonke le midlalo izophinde ibekelwe usuku ezodlala ngalo. Imidlalo ekhona ngoMgqibelo ngoweDurban Ladies, ezogadulisana neBloemfontein Celtic eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Lo mdlalo kulindeleke ukuthi uqale ngo-1 emini. ITshwane University of Technology yona izotholana phezulu neMa-Indies e-TUT Stadium, ePitoli ngo-3 ntambama.

IThunderbirds Ladies idlala ekhaya neRichmond United eJan Smuts Stadium e-East London. NgeSonto, iCoal City Wizards kulindeleke ibhekane neFirst Touch Academy ePuma Stadium, eWitbank ngo-3 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *