ICovid seyiphoqe ukumiswa kweHollywoodbets Super League

ICovid seyiphoqe ukumiswa kweHollywoodbets Super League
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Ukudlanga kokhuvethe, iCovid-19 sekuphoqe ukuthi kumiswe yonke imidlalo yeHollywoodbets Super League. Lokhu kuqhamuke ngemuva komhlangano ophuthumayo obuphakathi kweSouth African Football Association (Safa), abaxhasi beligi iHollywoodbets nabasakazi bayo le midlalo iSouth African Broadcasting Corparation (SABC).

Kulo mhlangano kuphunywe nesinqumo sokuthi imiswe le midlalo ngenxa yokudlanga kweCovid-19. Lokhu kuvele kwizincomo ezenziwe nguDkt Thulani Ngwenya ophethe uphiko lwezempilo kwiSAFA, obheke lokhu okulandelayo:

  • Ukunyuka kwesibalo sabantu abahaqwe iCovid-19 kuleli
  •  Ukukhula kwesibalo sabadlali abatholakala benegciwane leCovid-19
  • Ubunzima bokubhekana negciwane elisha leCovid-19 ebizwa ngokuthi yiDelta elibhebhetheka kakhulu

Ukumiswa kwale ligi kuzosiza ekuphatheni nasekulawuleni ukwanda kwalolu bhubhane, ngesikhathi kulondolozwa izimpilo zabadlali, abaphathi beqembu, abaphathi bemidlalo nabanye ababamba iqhaza.

“I-SABC ihambisana nemithetho kahulumeni yamanje kanye nesidingo sokuthatha zonke izinyathelo ezidingekayo ukuvimbela ukudluliswa kwegciwane leCovid-19. Sidinga ukuthatha zonke izinyathelo ezidingekayo ukuqinisekisa abadlali kwiHollywoodbets Super League kanye nawo wonke umuntu obambe iqhaza ukusakazwa kwawo, uhlale
uphephile ngalesi sikhathi esiyinselele.

FUNDA NALA: IBafana ayigculiusanga yize iwinile kwiCosafa Cup

“Ngenxa yalokhu, sisisekela ngokuphelele isinqumo seSafa sokumisa okwesikhashana iligi. ” kusho uGary Rathbone, iMenenja Jikelele yezeMidlalo kwa-SABC.
USandisiwe Bhengu, oyiHollywoodbets Commercial Manager naye uvumile: “IHollywoodbets iyakweseka ukubeka ukuphepha kwabadlali beHollywoodbets Super League, abaqeqeshi nabo bonke ababambe iqhaza phambili.

“Ngenxa yesinqumo sikahulumeni sokudlulisela iNingizimu Afrika ezingeni elilungisiwe lokuvalwa kwezinga lesine, isinqumo seSafa sokumisa iligi siyadingeka. IHollywoodbets izoqhubeka nemizamo yethu yokukhulisa le ligi nokukhuthaza ukuphepha kwawo wonke umuntu.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.