Idlale elihle ibhola kodwa yahlulwa ukuwina iPirates

Idlale elihle ibhola kodwa yahlulwa ukuwina iPirates
UPaseka Mako
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Mhlawumbe abaqeqeshi be-Orlando Pirates sekumele bafundise abadlali babo ukuthi kumele benze njani ukuwina imidlalo.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi leli qembu lihubha utalagu, lihlulwa inqwaba yamathuba laze lagcina licazelane amaphuzu neBaroka FC ngoLwesine kusihlwa.

Indlela ebihlasela ngayo futhi ilawula ngayo umdlao iPirates bekumele iphume okungenani namagoli amane ukube iwasebenzise kahle amathuba.

Nokho kungenzeka ukuthi iphikwe yinhlanhla e-Orlando Stadium emdlalweni weDStv Premiership oqale sekwedlule isikhathi.

Loku bekungenxa yokuthi ibhasi ebelihamba iPirates libambezelekile njengoba bekuvalwe imigwaqo eSoweto kutelekwa.

IPirates iqale kahle kuyiyo ephethe umdlalo futhi icindezela kucace ukuthi iyalifuna igoli.

Iminyakazo ekhombisa ukuzwana kukaFortune Makaringe noKwame Peprah bekuyinika inkinga iBaroka emuva.

UMakaringe ubethi uyaqeda ngo-Oscarine Masuluke ngemuva kweminye yale minyakazo kodwa walivimba lo nozinti lelo bhola.

Ithuba elikhulu leBucs liqhamuke ngomzuzu ka-18. U-Olisa Ndah uphase ibhola elide layohlala phambi kukaDeon Hotto.

Lo mdlali olijahile, waphuma uMasuluke ezozama ukumvimba kodwa bamjika.

Nokho uthe uHotto sekumele alibele enethini kungasekho muntu walishaya laphuma eceleni kwepali.

Ngomzuzu ka-25 uBen Motswari udedele inguzunga yeshodi kodwa wamfica ephapheme uMasuluke, walichithela eceleni.

Ngoka-30 kube yithuba likaPeprah obethi uyadla ngebhola alingqofile kodwa laphuma phezu kwepali kancane nje.

Sekusele imizuzu engaphezu kancane kwemihlanu kuyiwe ekhefini, iPirates isale ikhala unompempe eyincisha iphenathi.

FUNDA NALA: Imibhikisho ibambezele umdlalo wePirates eSoweto

Lokhu bekungemuva kokuthi uPeprah bemshaye phansi phakathi ebhokisini leBaroka.

Kodwa unompempe, obeseduze nalesi sehlakalo uthe uyaziwisa lo mgadli.

Okuxakayo ke ukuthi akazange amkhuze ngokuziwisa ngokuthi amnike ikhadi eliphuzi nkengokujwayelekile.

Ithuba lokuqala leBaroka lize lavela ngomzuzu ka-52 ngesikhathi ibekelwa ibhola phansi ngakwesokunxele.

UNhlanhla Mgaga ubeesededela intululwane kodwa uSiyabonga Mpontshane walifica, walichitha lelo bhola.

IPirates iqhubekile nokuzenzela kodwa iphelelwe amacebo uma seyisondela emapalini eBaroka.

Iluhubhe yaluhubha utalagu yagcina ikhathele, kwazelwana amaphuzu okuyinto eyisize kakhulu iBaroka.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.