Idlale ibhola elihle iPirates ishaya iSekhukhune seyithembile

Idlale ibhola elihle iPirates ishaya iSekhukhune seyithembile
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Okufanele kujabulise abalandeli be-Orlando Pirates ngaphezu kokuthi iwinile wukuthi ibhola elidlalayo seliyabonakala.

Leli qembu laseSoweto belidlala into engacacile livele ligijime libheke phambili noma kungenasidingo ngaphansi kukaJosef Zinnbauer.

Kodwa selokhu ehambile lomqeqeshi kwanikwa uMandla Ncikazi noFadlu Davids ithuba iqembu seliqalile ukuhlanganisa iminyakazo emihle.

Indlela edlala ngayo iPirates iyahambisana nabadlali enabo futhi iyabavumela bakhombise ngamakhono abo.

Yingakho nje ngoLwesibili ikwazile ukubuya kade seyilandela ngemuva ngo 1-0 yashaya iSekhukhune United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium.

IPirates ibizigelezela nje ifika iphindelela emapalini eSekhukhune futhi bekumele ilithole igoli.

Kodwa beyifica kukhiyiwe emuva kwiSekhukhune bese kutholakala ukuthi ayiwuphethe ukhiye wokuvula.

Amathuba abelokhu evelile nje kodwa kwale khona ukwenza kweZimnyama ezizame yonke indlela ukuthola igoli.

ISekhukhune beyilokhu incenga kancane izama ukuhlasela ngokuzumisa futhi kubonakala ukuthi kunobungozana.

Kuthe sekusele imizuzu emine kuyiwe ekhefini, lakhumuka isondo kwiPirates ngesikhathi iSekhukhune ithola igoli.

Beyihlasele ngokuzumisa ngomzuzu ka-41, ibhola laphelela kuBrandon Parusnath obe eselivalela enethini.

Kuyiwe ekhefini iSekhukhune ihamba phambili yize kade kuyiyo evika ivikile esiwombeni sokuqala.

Nasesiwombeni sesibili iPirates kodwa beyisaxakwa yikho ukuthi kukhiyiwe emuva kwiSekhukhune.

Unozinti weSekhukhune ukukhombisile ukuthi kungani ethenjwa kangaka ngomzuzu ka-73 evimba ibhola elihle likaTerrence Dzvukamanja.

FUNDA NALA: IStellies icuthe izimpiko kwiChiefs

Leli bhola belingabadla onozinti abaningi futhi akekho ongakhala ngabo ngoba belilihle kakhulu.

Kodwa kuthe kungakapheli sikhathi esitheni, iPirates yabekelwa iphenathi kulandela ukuthi uRyan de Jongh weBabina Noko elivimbe ngengalo esebhokisini langakubo.

Kuphakame uLinda Mntambo wayinamathisela enethini leyo phenathi kwabe uyisusile ke njengoba iPirates ibingasawubambi umshini ifuna elesibili.

Nebala ilitholile futhi kube yigoli elihle njengoba uKabelo Dlamini edonse intambo engaphandle kwebhokisi. lakhalakathela enethini.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.