Idlale ngamathuba iBafana ibambana neGuinea

Idlale ngamathuba iBafana ibambana neGuinea
OkaDonga Gumbi

Kuvelile kancane ukuthi ufuna idlale kanjani iBafana Bafana umqeqeshi uHugo Broos njengoba idlale ibhola elihle ibambana neGuinea emdlalweni wobungani eBelgium ngoLwesihlanu kusihlwa.

Kugqame ukushweba nobuthuntu beBafana esiwombeni sokuqala njengoba beyingena iphindelela ebhokisini leGuinea ihlasela.

Kuphele imizuzu yokuqala engu-15 seyakhe amaphutha alula abengayenza ihambe phambili ngo 3-0, kodwa abagadli bayo bebewayeka.

ULyle Foster nguye othole amathuba amahle kodwa avele akhombise ukuthi usashoda ngamava njengoba ebejaha ukukhahlela ebe enesikhathi sokuthi angalilolonga kahle ibhola ukuze akore.

Nabadlali abanamava oKeagan Dolly noThabang Monare bawatholile amathuba amahle kodwa badlala ngawo.

Nayo iGuinea iwatholile eyawo amaphutha kodwa yafica kuvaleke kahle emuva njengoba bekuthi noma idlulile odongeni lwasemuva, ifice uVeli Mothwa eselindile.

FUNDA NALA: IGhana iqalile ngemigilingwane yayo igxumisa abadlali beNigeria ebhanoyini

Esiwombeni sesibili iGuinea ibuye seyihleleke kangcono futhi sekuyiyo ephetha ibhola kangcono, yize nayo beyiphelelwa amaqhinga uma seyisondela emapalini kaMothwa.

Abadlali abebedlala okokuqala kwiBafana okungoBandile Shandu, Khuliso Mudau no-Athenkosi Mcaba badlale kahle kakhulu kulo mdlalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.