Idlale ngamathuba yacishe yazisola iSundowns Ladies

Idlale ngamathuba yacishe yazisola iSundowns Ladies
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

IMamelodi Sundowns Ladies izenzele umsebenzi olukhuni ngesikhathi idlulela kowamanqamu weCAF Women’s Champions League kulandela ukushaya iMalabo Kings kumaphenathi ngoMsombuluko.

IBanyana Ba Style igcine iwine ngo 5-4 kumaphenathi e-Al Salam Stadium, eCairo, yaqopha umlando.

Lo mqhudelwano udlalwa okokuqala emlandweni webhola labesifazane e-Afrika.

ISundowns iyeke inqwaba yamathuba kulo mdlalo, futhi bekungafanele uze uye esikhathini esengeziwe.

Empeleni lo mdlalo bekufanele ushintshe kungu 3-0 uma kubhekwa amathuba awoqekelele atholwe yiBanyana Ba Style ngesiwombe sokuqala.

Ngaleso sikhathi iMalabo ibingafinyeleli nhlobo emapalini eSundowns njengoba kuze kwayiwa ekhafini iphunga leli qembu lasePitoli.

Ngesiwombe sesibili iSundowns ithande ukuqinisa unyawo nokuholele ekutheni abadlali bayo abathathu bathole amakhadi amaphuzu kulandelana.

Nokho ibisalokhu iyingozi iSundowns uma iya phambili, kubhoke umdlali wayo wasophondweni lwesokunxele uChuene Morifi.

Lo mdlali ubegoba amabhola ayingozi kwesokunxele nabemthwalisa kanzima unozinti weMalabo uChinasa Sunday.

Ibisifika iphindelela iSundowns emapalini eMalabo kodwa umdlalo wagcina uphele ngo 0-0 emizuzwini engu-90.

Esikhathini esengeziwe amaqembu womabili abesedlala ngokukhulu ukucophelela, bekucaca ukuthi alikho ebelifuna ukwenza iphutha.

FUNDA NALA: Okusha ngephenathi yeGhana, kungas ekudumaze abaseMzansi

Nokho abadlali bese bekhombisa ukukhathala nebhola seliphunyuka kalula.

Ngomzuzu ka-99 iMalabo ihlasele kwavalwa amehlo kodwa umdlali wayo wawa eyedwa ebhokisini sekumele akhahlele ibhola, yasinda kanjaloke iSundowns.

Isiwombe sesibili sesikhathi esengeziwe sikhombise ukuthi amaqembu abengazimisele ngokushaya amaphenathi.

Abehlaselana ngokuzuma kodwa womabili engafuni ukwenza amaphutha emuva.

UThalea Smidt ucisho wabeka iSundowns ebuhleni ngomzuzu ka-118 kodwa ibhola lakhe lashaya epalini labuyela enkundleni.

Ngomzuzu wokugcina kucishe kwabheda kwiSundowns umdlali weMalabo egqashula eyedwa kodwa kwasiza
ijubane likaBambanani Mbane, ofike wafaka unyawo sekukubi ebhokisi, ibhola lagcina liphumele ngaphandle.

Kulamule amaphenathi, kanti iSundowns izobhekana neHasaacas Ladies yaseGhana kowamanqamu ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama .

IHasaacas ishaye i-Asfar ukuze ifinyelele kowamanqamu kulo mqhudelwano.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.