Idliwe yiNetherlands izama iBanyana kowobungani

UThembi Kgatlane
Sihle Ndlovu

Ikhombise ukuthi izofika kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2022, ingcono iBanyana Banyana yize ishaywe yiNethertherlands ngo 5-1 emdlalweni wobungani.

Enkundleni ebigcwele abalandeli beqembu lasekhaya, i-ADO Den Haag Stadium, iNingizimu Afrika ibhekane nompetha base-Europe ngendlela ehloniphekile, abadlali bayo bekhombisa ukuvuthwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu lakuleli bese kunesikhathi lagcina ukudlala, kanti neligi yabesimame ayidlali njemanje.

Nokho okwenziwe ezikaDesiree Ellis zibhekene nabadlali abagjima ko-Arsenal, Bayern Munich nakwiManchester United, kunike ithemba nge-Afcon nokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.

Kuzokhumbuleka ukuthi iNetherlands ike yabhaxabula kabuhlungu iCyprus ngo 12-0 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngo-Ephreli 6 nonyaka. Kulowo mdlalo uVivianne Miedema waqobela phakathi amagoli ayisithupha emizuzwini engu-53.

Emdlalweni wangoLwesibili ebusuku, emizuzwini yokuqala yomdlalo iBanyana ibiyibambe kahle kakhulu emuva, ingavumeli izintombi zamaDutch ukuthi zicanase.

Kuze kwadingeka ukuthi uJackie Groenen, odlalela iManchester United, adonse intambo engaphandle ngomzuzu ka-12, yamudla unozinti weBanyana, u-Andile Dlamini, yakhala phakathi.

Ayililahlanga ithemba iBanyana njengoba uThembi Kgatlane eshaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-25. UKgatlane ubeyiphela endlebeni ezitobheni zeNetherlands uma ephethe ibhola.

Igoli lesibili leNetherlands lishaywe uLineth Beerrensteyn ngomzuzu ka-30, kwathi elesithathu leza nenkakha uMiedema ngomzuzu ka-39, obeseshaya igoli lakhe lika-92.

Libe khona ithemba kwiBanyana ngesikhathi ithola iphenathi ngesiwombe sesibili kodwa uNoko Matlou wakhetha ukuyipha unozinti. Ngemuva kwalokho umdlalo ubulingana kodwa uKgatlane ubelokhu ehlupha uma ephethe ibhola.

INetherlands izume iBanyana ngegoli lesine ngomzuzu ka-51 nelize noDamaris Egurolla, ophinde washaya elokugcina ngomzuzu ka-90. Kucacile ukuthi igebe likhulu kula mazwe kodwa iBanyana ayizange iphendulwe ompushana njengeCyprus.

Bese kungokwesishiyagalombili la mazwe ehlangana kanti yonke imidlalo ayidlalile iwinwe yiNetherlands.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *