Idlule ngehubo iChiefs kwiSwallows kweyabafana abancane

UJordan Sampson noSabelo Radebe beKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Usale ebabaza ukuhlulwa kwabadlali bakhe oqekelele bamathuba umqeqeshi weqembu lenkulisa kwiKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane yize begcine beyibhuquzise ngo 3-2 iSwallows emdlalweni weDStv Diski Challenge rewired ngeSonto.

Lokhu kuwina kuqinisekise Amakhosi ukuthi ayadlulela esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano. UZwane uthe kuzomele baqinise ekusebenziseni amathuba.

“Siqale kabi namuhla, futhi ngicabanga ukuthi ngiyazazi izizathu zalokho. Kunezinsuku ezimbili esingakwazanga ukuzilolonga ngazo kanti lokho kusikhiphe emfuthweni wethu,” kusho uZwane.

“Siye ngokuba ngcono ngokuhamba komdlalo, sagcina sesikwazi nokwakha amathuba okushaya amagoli. Emizuzwini eyishumi sibe nethuba eliwuqekelele kodwa uTshepo (Mohlala) walishweba esebhekene nonozinti kuphela.

“Ukusuka lapho singenelwe yigoli yize bekuyithi esicindezelayo. Sibaphe ibhola kalula esiswini, bashaya elihle igoli ukusuka lapho. Ngicabanga ukuthi lokho kusivusile emaqandeni, saqala sanyusa izinga, saqala sangena nasebhokisini labo.”

ISwallows ikore kuqala ngonyawo luka-Anele Gule ngomzuzu ka-19, kodwa Amakhosi alitholile elokulinganisa sekusele kancane kuyiwe  ekhefini, lishaywa nguKamohelo Hoala.

“Kodwa siqhubekile sahluleka wukuwasebenzisa amathuba. Bekumele siye ekhefini sihamba phambili noma ngo 5-1. Nasekuqaleni kwesiwombe sesibili kube yiso leso, sathola amathuba awoqekelele amabili emizuzwini emine yokuqala.

“Ukusuka lapho bese sizigelezela singena siphindelela ebhokisini labo. Kodwa amathuba besidlala ngawo ngendlela yokuthi amanye nginamahloni kwamina ukuthi siwayeke kanjani.

“Ekugcineni uTshepo ulishayile igoli, kodwa bekumele ngabe sikore okungenani amagoli ayisishiyagalombili kulo mdlalo.

Elesibili lishaywe nguJordan Sampson kwathi uMohlala washaya elesithathu nelibe yisipikili sokugcina.

“Ngicabanga ukuthi kubafanele ukuba lapho, bebezikhandla. Bebesebenza kanzima. Basithembisile ukuthi bafuna ukufika kowamanqamu bawinele iqembu lesi sicoco… Ngeke sisabheka emuva ngoba ngicabanga ukuthi sesingene emgqeni ofanele futhi sesibambe nomgqigqo omuhle.

“Ukuzethemba kuyanyuka. Ngijabule yize sihlulwe amathuba maningi ngoba yinto esingayilungisa leyo uma sesizilolonga. Siyakweyandulela owamanqamu manje.

“Emdlalweni wokugcina sizonika abanye abadlali abebengakalitholi ithuba ukuba nabo bezwe kunjani. Sizobhekana neTTM (Tshakhuma Tsha Madzivhandila). Sizoya ePolokwane sizophatha abafana abaneminyaka engu-16 ngoba vele sizobe sesiqala ukulungiselela isizini ezayo,” kuchaza uZwane.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.