IDolphins ishaye udaka yaze yaludla kwiT20 Challenge

UDewald Brevis
Sihle Ndlovu

Kuningi okumele kulungiswe yiHollywoods Dolphins eshaye udaka, yaze yabhukuda kulona, kwiT20 Challenge ka-2022.

Leli qembu laseThekwini belipatanisa ukushwiba kahle, bese lenze into ongayazi uma sekufanele libhethe.

Lenze into efanayo kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano ngesikhathi lishaywa yiTitans ngamawikhethi ayisithupha eSt George’s Park, eGqeberha, ngoLwesihlanu.

Nakhona kowandulela owamanqamu iDolphins ifike ngenhlanhla nje kulandela ukungadlali kahle emidlalweni yamaphuzu.

NgoLwesihlanu iDolphins ibhethe kuqala yenza ama-run angu-93 kuphela kuma-over angu-20. Bonke abadlali abathenjiwe, abafana noDavid Miller (0), bashaye udaka lodwa kulo mdlalo.

Umdlali ozamile uKhaya Zondo owenze ama-run angu-33, kwathi abanye bafikela ukuzojika nje enkundleni. UZondo uyena odlale kahle emdlalweni wokugcina wamaphuzu eshaya ama-run angu-59, iDolphins yaputshukela kweyandulela owamanqamu.

Ngasohlangothini lweTitans kudlale kahle umshwibi uTabraiz Shamsi, othathe amawikhethi amathathu elandelana.

Iphendula iTitans beyingenayo nencane ingcindezi njengoba ibidinga ama-run angu-94 kuphela ukuze iwine. Kudlale kahle uDewald Brevis ophume esenze ama-run angu-38.

UBrevis ubukeka enekhono elikhulu futhi akungabazeki ukuthi kumele azitholele indawo eqenjini lesizwe, iProteas, kungekudala. Umdlalo wamanqamu weT20 Challenge uzokuba ngeSonto.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.