Usobala umsebenzi osihlalele kuMaZulu: Mokwena

UMakhehleni Makhaola waMaZulu FC no-Andile Jali weSundowns

SIHLE NDLOVU

IMamelodi Sundowns esanda kumangazwa yiTshakhuma FC ingase izithole ithola esinye isibhaxu njengoba izobhekana naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ntambama.

AmaBrazilians akhishwe yiTTM kungalindele muntu kwiNedbank Cup ngeSonto kanti azithola enomdlalo onzima njengoba ezobhekana noSuthu koweligi oluvutha lungabaselwe eJonnson Kings Park ngo-3 ntambama.

ISundowns izihola phambili ngamaphuzu angu-46 kwi-log yePremiership kanti iqembu eliyihleli izithonto AmaZulu asendaweni yesibili ngawu-40. Nokho iSundowns isalele emuva ngemidlalo emibili ngenxa yokubuye ibambeke emidlalweni yeCAF Champions League, nokuyinika ithuba lokuvula igebe esicongweni.

URulani Mokwena oqeqesha iSundowns wazi kahle ukuthi kumele bazibambe ziqine uma sebebhekene noSuthu ngoba bangabuya beshwiba izandla uma benganakile.

“Umdlalo obaluleke kakhulu kithina. Njengoba sishilo phambilini yonke le midlalo kithina ifana neyamanqamu, futhi kumele siyithathe kanjalo. Akubanga lula ukuhlelela lo mdlalo ikakhulukazi ngemuva komphumela ongemuhle sibhekene neTTM,” kusho uMokwena.

“Kumele sizivuthulule sikhombise ukukhululeka ngokomqondo. Silwe ukuze sikwazi ukudlala kahle ngoba uma amaqembu amabili adlala kahle ehlangana, awubi nalo ithuba lokuwina uma ungazimiseli”.

Usuthu abazodlala nalo luyizwa ngendaba induku futhi luyawashaya kakhulu amagoli. Lokhu kuchaza ukuthi iSundowns izolufica luyilindele eKings Park ngoLwesithathu.

“Kumele sidlale kahle ngoLwesithathu, sizinike ithuba lokuwina umdlalo esizowudlala neqembu elihle kakhulu, elinabaqeqeshi abahle, eliqeqeshwa kahle, kanti linabadlali abahle. AmaZulu anabadlali abahle yikho imiphumela yawo imihle kangaka,” kusho uMokwena.

“Ngithi yiqembu eliqeqeshwa kahle ngoba kucace bha konke, izikimu zicacile, indlela abadlala ngayo ibhola emuva icacile, indlela abacindezela ngayo uma behlasela icacile. Konke bakwenza kahle ngisho esiswini, kanti nendlela abashesha ngayo phambili yinhle kakhulu. Nokho kumele sishaye into ecokeme ngoba iyona kuphela indlela esingawina ngayo lo mdlalo,” kuphetha uMowena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.