IDowns idedele izifundo zamahhala kwiMathaithai koweNedbank

UThemba Zwane
Sihle Ndlovu

Idlulele kuma-quarterfinal kalula iMamelodi Sundowns kulandela ukufundisa ibhola iMathaithai FC eyishaye ngo 6-0 emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup, eLucas Moripe Stadium, ngoLwesili.

Abafana Ba-Style bebengashaya inqwaba yamagoli kulo mdlalo kodwa bazithela ngabandayo ngemuva kokushaya amagoli amabili asheshayo, ngesiwombe sokuqala.

Igoli lokuqala lishaywe uSurprise Ralani ngomzuzu wesibili, kwathi elesibili langena ngomzuzu wesine libekwa phakathi uThemba Zwane.

Ubungalindela ukuthi iSundowns ishaye inqwaba yamagoli ngemuva kwalokho kodwa yangawasebenzisa ngendlela amathuba.

Zikhona izikhathi lapho iMathaithai ibike idlale kahle uma idlala njengeqembu kodwa bezigqagqene kakhulu. Okuhlalukile ukuthi abadlali baleli qembu laseFree State bebefuna ukugqama ngamunye ukuze bazidayise.

Ngesiwombe sesibili iMathaithai izamile ukuqala kahle kodwa iSundowns yabuye yakhombisa ukuthi iyona obhuti abadala ebholeni. Ngemuva kokubambelela ku 2-0 isikhathi eside, kugcine konakele ngomzuzu ka-66 ngesikhathi uThabiso Kutumela eshaya igoli lesithathu.

Ukungena kwaleli goli kwenze yavuka kakhulu emaqandeni iSundowns, yaphinde yahlasela iphindelela. Ngomzuzu ka-72 uKutumela ushaye igoli lesine kwacaca ukuthi izohluleka ukuvika ihlazo iMathaithai.

Leli qembu belingadlali ngokubambisana isikhathi esiningi kodwa libonakele ikhono kuTeboho Modise obegqoke unombolo 10.

Igoli lesihlanu lishaywe uLebohang Maboe ngomzuzu ka-85, kwathi elesithupha leza no-Andile Jali ngoka-88, saphela kanjalo isifundo samahhala ebesifundiswa iqembu laseFree State.

ISundowns seyibheke umdlalo obalulekile wangempelasonto lapho izobhekana ne-Al Ahly yase-Egypt, koweCAF Champions League.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.