IDowns isayinise owaseMorocco yaqopha umlando kwiPSL

U-Abdelmounaim Boutouil
Sihle Ndlovu

Isitobha esisha seMamelodi Sundowns sisazokwenza abantu abaningi abalandela  ibhola leDStv Premiership, bazilume ulimu.

U-Abdelmounaim Boutouil waseMorocco kuvela ukuthi usesayine konke nezimpunyela zaseChloorkop. Uzokuba ngumdlali wokuqala ngqa osuka kuleli lizwe ukuthi adlale kwiPremier Soccer League (PSL).

Lo mdlali wasemuva maphakathi kuthiwa usayine inkontileka yeminyaka emihlanu neSundowns. Kuvela ukuthi iSundowns ikhulume noBoutouil ngaphambi kukaJulayi 1 lapho ebezobe esephelelwe khona yinkontileka.

Lesi sitobha esineminyaka engu-24 sinconywa ngokuba nekhono elikhulu. Vele kuyinto ecisho yazeke ukuthi enhla ne-Afrika awatholakali amafolosi amahle kodwa uma kukhulunywa ngezitobha usuke ufike ekhaya.

Lo mdlali uke waba semabhukwini eRaja Casablanca kodwa ngesizini ka-2020/2021 ubebolekiswe kwiRoyale Union Saint-Gillios edlala esigabeni sesibili eBelgium. Nokho ngesizini edlule ubekwiSCC Mohammedia okuyiyona iSundowns ebikhuluma nayo.

Kuzothatha isikhathi nokho ukuthi kujwayeleke ukuthi kuphimiswe igama likaBoutouil. Mhlawumbe sekuyosiza ukuthi ethiwe elikaBhotela ukuze abalandeli bebhola kuleli bangazinqamuli ulimi.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.