IDowns ishiye kukhalwa eNaturena iqothula iChiefs ngenduku koweligi

UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns
Sihle Ndlovu

IMamelodi Sundowns idubele kwiKaizer Chiefs iyibhaxabula ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama.

IDowns iye kulo mdlalo ibuya ekutholeni induku kwiTS Galaxy eyishaye ngo 1-0 ngoLwesithathu. Nokho kumele ukuthi isikudlulisile lokho njengoba ibuyele ekuwineni ngokushaya iqembu elithathwa njengelikhulu iChiefs.

Kulo mdlalo akuzange kuyihambele kahle zisuka iChiefs. Izinkinga zaMakhosi ziqale ngesikhathi uSiyabonga Ngezana enza elikhulu iphutha ephasa ibhola emuva langagcwala walithatha walibeka phakathi uGaston Sirino ngomzuzu wesithupha.

UNgezana uphinde wenza elinye iphutha ngomzuzu ka-17 edonsa uPeter Shalulile ebhokisini, uVictor Gomez wayikhomba emlotheni. Kusukume yena uShalulile wayibeka phathi kwaba ngu 2-0.

UNgezana akazange esabuya ngesiwombe sesibili njengoba indawo yakhe ithathwe uNjabulo Ngcobo. Nokho akukho okutheni okushintshile yize iChiefs isiqale kahle isiwombe sesibili isivutha bhe. Ithe isazama ukuhlasela kangcono uShalulile washaya elinye igoli ngomzuzu ka-53 kwaba ngu 3-0. Ngemuva kwalokho iChiefs ithole iphenathi ethathwe uKhama Billiat kodwa wayivimba uRonwen Williams.

Ngemuva kwalokho iSundowns bese iphungwa ngezithebe kakhulu kucaca ukuthi iChiefs izothelwa ngelikhulu ihlazo. Kuphinde konakala ngomzuzu ka-76 u-Abubeker Nasif eshaya igoli lesine zacisha okokugcina izibani eqenjini laseNaturena.

Ukushaywa kakhulu kanje kweChiefs kumele kumhluphe u-Arthur “10111” Zwane ozama ukubumba kabusha iqembu. Bese kubukeka kwethembisa ngesikhathi iChiefs ishaya iMaritzburg United ngo 3-0 kodwa lokhu kubhaxabulwa kangaka akungabazeki ukuthi kuzoyibuyisela emuva kakhulu.

IChiefs ibiqala ngqa ukushaywa ngamagoli angaka selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996/1997. Amakhosi azobhekana neRichards FC emdlalweni olandelayo weligi eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.