IDowns ivule igebe esicongweni seDStv Premiership

Sihle Ndlovu

Baroka FC (0) 0

Sundowns (0) 2

IMamelodi Sundowns ivule igebe kwi-log yeDStv Premiership ngemuva kokuqumba phansi iBaroka FC ngoMgqibelo ntambama.

Ukuwina kwamaBrazilians kwenze avula igebe lamaphuzu amathathu esicongweni sePremiership ngaphambi komdlalo we-Orlando Pirates neSwallows FC ngeSonto. IZinyoni zinamaphuzu angu-21 endaweni yesibili kanti iSundowns isinamaphuzu angu-24.

Emdlalweni wangoMgqibelo iSundowns ibivele izenzela kwiBaroka ngesiwombe sokuqala. Ishaye ipali kabili kodwa kwala ukuthi lingene igoli umdlalo washintsha kungu 0-0.

Nokho ngesiwombe sesibili iSundowns ibuye isikhombisa ukuthi ayifuni nakancane ukudlala ngokulingana. Ngomzuzu ka-56 uLyle Lakay ushaye ubisi lwe-free kick ngemuva kokudlaliswa kabi kukaThemba Zwane ngaphandle kancane kwebhokisi.

Ngemuva kwalokho iSundowns iqhubekile nokudlala ibhola elihle kucaca ukuthi iBaroka iyahluleka ukumelana nayo. IBaroka izamile ukuthola igoli lokulinganisa nobekwenza ukuthi ivuleke emuva.

Sekuzophela umdlalo iSundowns ibisifika iphindelela emzini weBaroka. Ngomzuzu ka-88 uDenwin Farmer uthole ikhadi elibomvu ngevuma kokugxavuna uPeter Shalulile obegqashuka efuna ukuyoshaya igoli. UGeorge Maluleke udonse intambo ayichithile unozinti weBaroka uWensten van der Linde.

Ngomzuzu ka-90 uZwane ushaye igoli lakhe lesishiyagalombili lesizini kwacaca ukuthi amaBrazilians asehambe nawo amaphuzu amathathu. Umdlalo uphele kanjalo bajabula eChloorkop.