IDowns ivule igebe lamaphuzu, yaqhubeka nerekhodi

UThabo Mnyamane weTshakhuma ebanga ibhola noRushine de Reuck weMamelodi Sundowns

SIHLE NDLOVU

Iqhubekile nerekhodi lokungashaywa yaphinde yavula igebe esicongweni iMamelodi Sundowns, ngemuva kokushaya iTshakhuma FC ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ntambama.

ISundowns ibisidlala umdlalo ka-19 weligi ingayazi induku, kanti ivule igebe lamaphuzu ayisithupha ngokuwina izolo. Isiyonke imidlalo esidlalwe yiSundowns ingashaywa, kuyo yonke imiqhudelwano, isiwu-28.

Njengoba bekulindelekile iSundowns iyona eqale umdlalo icindezela iTshakhuma idlalela emuva. Bekucaca ukuthi iqembu lasekhaya belingafuni ukudedela igoli kuqala, lizama nokungena kahle emdlalweni.

Ukucindezela kweSundowns kuqhubekile kodwa kwathi ngomzuzu ka-18 igoli lashaywa yiTshakhuma ngekhanda likaThembisani Nevhulamba. Ngemuva kwalokho amaBrazilians athole elihle ithuba lokulinganisa kodwa uThapelo Morena wakhahlela ibhola laqonda ngqo kuWashington Arubi ngomzuzu ka-29.

Bese zithengana ngoba ngomzuzu ka-30 uDenis Onyango uvimbe elibi ibhola ebelikhahlelwe uThabo Mnyamane. Bekuthi kubhekwe ngapha kuphinde kuvalwe amehlo ngakolunye uhlangothi. Ngomzuzu ka-34 u-Arubi uvimbe ibhola likaPeter Shalulile sekuvalwe amehlo. Uphinde waphila futhi u-Arubi ngomzuzu ka-42 echiliza ibhola elibi ebelishaywe uRushine De Reuck eseduze impela.

Bese kubukeka sengathi umdlalo uzoya ekhefini kuyiTshakhuma ehamba phambili kodwa iSundowns yangakuvuma lokho. Ibhola ebeliyikhona lithole uRivaldo Coetzee walingqofela phakathi ngomzuzu ka-45, zaya ekhefini kungu 1-1.

Ngesiwombe sesibili ibuye seyivutha iSundowns sekucaca ukuthi ilifuna ngenkani igoli lokuwina. Beyiphungwa iphungiwe izitobha zeTshakhuma ebese zikuthola kunzima ukuphaselana ibhola. Ngomzuzu ka-59 ibhola likaMorena livundle namapali isifike qathatha iSundowns.

Ubesesebenza kanzima u-Arubi ezintini zeTshakhuma ephunga amabhola abeza namaBrazilians. Ngomzuzu ka-61 uLehlohonolo Nonyane udlalise kabi uThemba Zwane ebhokisini, wangananaza unompempe u-Abongile Tom, wayikhomba emlotheni. UGaston Sirino uvele wayigeja yaphuma eceleni kwepali.

Kufanele ukuthi uthe ukukhululeka uSirino ngomzuzu ka-69 ngesikhathi uSphelele Mkhulise eshaya igoli, yahamba phambili ngo 2-1 iSundowns. ITshakhuma izamile ukuhlasela kodwa yangawasebenzisa amakhona amabili ewathole elandelana.

Kube sekonakala kakhulu ngomzuzu ka-81 uSibusiso Vilakazi eshaya igoli eliqede nya ngeqembu lasekhaya. Ukushywa kweTshakhuma kuyibeka engozini enkulu yokudliwa yizembe.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe.com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.