IDowns izijabulise ngeThwihli Thwahla iqukula eseligi

UPeter Shalulile
Sihle Ndlovu

IMamelodi Sundowns igcine iyiqukule ngenkulu inhlokomo indebe yeDStv Premiership ka-2021/2022.

Phambi kwenqwaba yabalandeli babo, Abafana Ba-Style banikwe okungokwabo ngokusemthethweni kulandela ukushaya iRoyal AM ngo 3-2 eChatsworth Stadium, ngoMsombuluko. Lo mdlalo kwakumele udlalwe ngoMgqibelo kodwa wamiswa ngemuva kwemizuzu engu-24 ngenxa yemvula.

Leli qembu lasePitoli liye kulo mdlalo livele seliyiwinile indebe yeligi kodwa abaqeqeshi balo bakubeke kwacaca ukuthi bebefuna ukuqeda ngegiya eliphezulu.

Ukushaywa kweThwihli Thwahla kulimaza amathuba ayo okuqeda endaweni yesibili kwilogi yePremiership, nokungenza ukuthi idlale kwiCAF Champions League. Nokho leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize lisenawo umdlalo owodwa elizowudlala ne-Orlando Pirates ngoLwesihlanu enkundleni efanayo.

Ngasohlangothini lweSundowns ibisiqukula indebe yePremiership okwesihlanu kulandelana. Izophindela kwiChampions League ekhishwe kuyona kuma-quarter final nonyaka.

Igoli lokuqala leSundowns lishaywe nguGaston Sirino ngomzuzu ka-13. Leli goli kuyiwe ngalo ekhefini. UThabiso Kutumela ushaye igoli lesibili leDowns ngomzuzu ka-48, kwaba ngu 2-0.

Kube sekonakala kakhulu ngomzuzu ka-61 ngesikhathi uPeter Shalulile eshaya igoli lesithathu laBafana Ba-Style. Lo mgadli ubeseshaya igoli lakhe lika-23 emidlalweni yeligi kule sizini.

IRoyal AM ithole iphenathi ngomzuzu ka-64 kodwa uVictor Letsoalo wayiqondisa kuKennedy Mweene wayivimba. Nokho ubuyile uLetsoalo ngomzuzu ka-67 walungisa iphutha, eshaya igoli kwaba ngu 3-1. Ubeseshaya igoli lakhe lika-15 kweyeligi kule sizini.

Ngemuva kwalokho bese isivutha iThwihli Thwahla nokungamangazanga ngesikhathi uShaune Mogaila eshaya igoli ngomzuzu ka-76 kwaba ngi 3-2.

IRoyal AM ihluleke yancama ukushaya iSundowns kule sizini njengoba nasemzuliswaneni wokuqala kuwine iqembu lasePitoli ngo 3-2. Nasemdlalweni weNedbank Cup kuwine iDowns ngo 2-1.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.