IDowns noShalulile bayasondela ekwephuleni amarekhodi

UPeter Shalulile

 

Sihle Ndlovu

IMamelodi Sundowns seyisondele ekutheni yephule irekhodi layo lamaphuzu ewahlanganise ngesizini edlule emidlalweni yeDStv Premiership.

Abafana Ba-Style bazisondeze kulokhu ngemuva kokushaya iSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weligi, e-Emirates Airline Park, eGoli, ngoLwesibili ebusuku.

ISundowns iqoqe amaphuzu angu-67 ngesikhathi iwina isicoco seligi ngesizini edlule. Njengamanje seyivele isiwinile isicoco seligi kanti isihlanganise amaphuzu angu-61, ngemuva komdlalo wayizolo.

IDowns inalo ithuba lokwephula irekhodi layo njengoba isalelwe yimidlalo emithathu ngaphambi kokuthi kusongwe isizini. Akungabazeki ukuthi izozimisela njengoba nomdlali wayo uPeter Shalulile ezama ukufica irekhodi likaCollins Mbesuma lamagoli angu-25 emidlalwenin yeligi. UShalulile usena-22 wamagoli.

UShalulile uwatholile amathuba amahle amabili okwandisa amagoli akhe kodwa ibhola langavuma ukuqabula inethi. Kuze kwaba ngomzuzu ka-92 lapho uShalulile egcine elishayile igoli.

Njengasemihleni iSundowns iyona ebiphethe umdlalo ngoLwesibili. Nokho iSekhukhune ibambelele kwaze kwaba umzuzu ka-28 lapho u-Aubrey Modibe eshaye intuthu yegoli.

Emdlalweni olandelayo weligi iSundowns izotholana phezulu neKaizer Chiefs eFNB Stadium, ngeSonto ngo-5.30 ntambama. Kungalindeleka ukuthi iwuwine kulula lo mdlalo iSundowns uma kubhekwa indlea izinto ezingahlangani ngayo kwiChiefs kule sizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.