IDowns yethule uBen 10 isazobhekana neChiefs

Sihle Ndlovu

IMamelodi Sundowns imangaze abaningi ngesikhathi yethula uBongani “Ben 10” Zungu ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo wayo neKaizer Chiefs eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo.

Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu ngakho kuyacaca ukuthi iSundowns ibone kuyithuba elihle lokuthi ijabulise abalandeli ngezindaba zokuthi usebuyile uBen 10 obeyibamba phesheya eFrance. Egcina ukudlala ibhola eNingizimu Afrika uZungu ubedlalela yona iSundowns.

Lo mdlali uke wamataniswa nokuya kwiChiefs isikhathi eside ngemuva kokuthi kuvele izindaba zokuthi akasemanaqembu. Nokho umqeqeshi weChiefs u-Arthur “10111” Zwane uveze ukuthi abakaze nakanye bamfune uZungu, ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nomsakazo uKhozi FM. Ukuvezile ukuthi uZungu angase amenyezelwe yiSundowns.

UZungu naye ubelokhu echukuluza abalandeli beChiefs ngokubhala ngayo njalo kwiTwitter. Lokhu bekubanika ithemba lokuthi ngempela lo mdlali uzoya kwiChiefs kodwa iSundowns ikuqedile ukuqagela ngoMgqibelo ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.