IDundee July ingaphezulu kokuba wumjaho nje, kusho uMavimbela

IDundee July ingaphezulu kokuba wumjaho nje, kusho uMavimbela
Ungqongqoshe wezeMidlalo nobuCiko KwaZulu-Natal, uHlengiwe Mavimbela
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sithunyelwe
Ungqongqoshe wezeMidlalo nobuCiko KwaZulu-Natal uHlengiwe Mavimbela, uthi iDundee July isibe nomthelela omkhulu ekusizeni abantu baseDundee namaphethelo.
Ukusho lokhu ngesikhathi kunomjaho waminyaka yonke iDundee July ngoMgqibelo. Bese kungokuka-15 iDundee July igijinywa.
“Namuhla siseDundee lapho sigubha khona iminyaka engu-15 selokhu waba khona lo mjaho. Lo mjaho usuhambe elide ibanga ukushintsha izimpilo zabantu bakithi.
“Sizobona okokuqala ngqa abagibeli bamahhashi angu-104 begqoke izimpahla ezithungwe abantu bakhona lapha eMzinyathi.
“Siyazi ukuthi sikwiCovid-19 kodwa sinaso isamba esingu-R500 000 nemijaho eyisishiyagalolunye.
“Sizamile ukuthi sinciphise amahhashi. Asiwafakanga amahhashi angaphandle kwesifundazwe ngenxa yeCovid,” kusho uMavimbela.
Umjaho wangoMgqibelo ubungahanjelwe abantu abaningi ngenxa yesimo seCovid-19. Nokho amakhaza abebuza ukuthi ungubo ngaki kanti ligcine selikhemezela.
FUNDA NALA: Angiyizwa qobo le lokubekwa ethala kwamajezi athile emaqenjini
“Sibone lo mjaho ukhula kakhulu futhi siyabeseka kakhulu ososeshini bamahhashi bakule ndawo. Uma siba nalo mjaho umnotho uyaye ukhule ufinyelele ku-R20 million kule ndawo.
“Siyazi ukuthi kungenzeka singafinyeleli lapho ngenxa yeCovid. Sinezinhlelo ezinhle ukuthuthukisa indawo yaseDundee, ikakhulukazi le esilekelela ukuthi sibe nalo mjaho,” kusho ungqongqoshe.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *