Ifane nemoto eyiskorokoro eduma ibuye icishe iPirates ibanjwa yiStellies

Ifane nemoto eyiskorokoro eduma ibuye icishe iPirates ibanjwa yiStellies
UHappy Jele
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kukhona intambo engacobhozi kahle kupharafini kwi-Orlando Pirates. Lokhu kuhlale obala ngesikhathi iphinde idavuza ibhekene neStellenbosch emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.

Umdlalo uphele zibambene ngo 2-2 kodwa yiPirates ebisithwele uthayela unomoya ngasekupheleni komdlalo njengoba ibicindezelekile.

Kusheshe kwabhimba kwiPirates njengoba ingenelwe yigoli ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile. UGoodman Mosele ulahle ibhola esiswini, yalithatha yaqonda ngqo epalini iStellies.

Liphelele kuJunior Mandieta obe eselibeka phambi kukaWaseem Isaacs odedele udalimede, lazishayisa kuThulani Hlatshwayo labe selimdida uRicahrd Ofori, lakhala enethini.

Nokho ayizange itatazele iPirates kodwa yaqhubeka nokuzama ukuhlanganisa iminyakazo. Ibekelwe i-free kick ngaphandle kwebhokisi leStellies ngomzuzu ka-18.

UDeon Hotto wabe esekhipha ubungcweti bakhe eyibeka enethini. Kube yigoli okufanele ukuthi liyobalwa kwamahle uma sekuqoqwa ekupheleni kwesizini.

Bekubukeka isizozihambela kalula iPirates njengoba beyisiyihlanganisa kahle iminyakazo eya phambili futhi sekushoda ithole izimbobo odongeni lweStellies.

Kodwa izinto ziphinde zabhimba kwiPirates ngesikhathi uNtsikelelo Nyauza ekhishwa ngekhadi elibomvu kusele imizuzu emibili kuyiwe ekhefini.

UNyauza wenze ubuhlathi nje egudluza ngendololwane u-Ashley Du Preez waze wagcina eselekelela ngokumgxoba esewile.

IPirates nayo isiqale kahle isiwombe sesibili, yasheshe yalithola igoli lokuthi ihambe phambili ngesikhathi uMosele elingqofela enethini ngomzuzu ka-48.

FUNDA NALA: Benze izinguquko ezinqala abaqeqeshi abasha bePirates

Bekukade kuyikhona egotshwe uGabadinho Mhango. Ibhola liwele kuVincent Pule obengene ngesiwombe sesibili.

Uliqulile walidlulisela ngemuva lahlangana noMosele engamakiwe, walingqofela enethini kalula. Kodwa kubuye kwabhimba.

UJudas Moseamedi obesand akungena ubuyisele iStellies emdlalweni ngomzuzu ka-55. Ngemuva kwalokho azamile womabili amaqembu kodwa kwaala khona ukwenza.

Bekungumdlalo wePirates wokuqala ngemuva kokuhamba kukaJosef Zinnbauer. Ebhentshini bekuhleli uFadlu Davids obeqeqesha ngokubambisana noMandla Ncikazi.

Kweminye imidlalo ngawo uMgqibelo emini, iGolden Arrows ihlule iMaritzburg United ngo 2-1 emdlaweni obusePrincess Magogo Stadium.

Amagoli e-Arrows ashaywe ngoSiboniso Conco noSiphamandla Sabelo. EleMaritzburg lishaywe nguRowen Human obedlala okokuqala kuleli qembu laseMgungundlovu.

UGavin Hunt yena ube nesiqalo esihle kwiChippa United njengoba iwine ngo 1-0 ishaya iSekhukhune United. Igoli leChippa lishaywe nguVeluyeke Zulu obedlala okokuqala kuleli qembu.

 

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.