Ifaniswe neLiverpool iSundowns ngumqeqeshi we-Al Hilal

UGaston Sirino

OKADONGA GUMBI
Kuvele kucace ukuthi bakhiphane inkani ngamacebo abaqeqeshi uma bezoncomana bodwa ekupheleni komdlalo njengoba kwenzekile kuRulani Mokwena weMamelodi Sundowns noRicardo Formosinho we-Al Hilal yaseSudan.
Amaqembu abo agadlane aze abukana ingekho egoba uphondo emdlalweni wamaqoqo kwiCAF Champions League eSudan ngoMgqibelo ntambama, waphela kungu 0-0.
Ngemuva komdlalo, uMokwena uvumile ukuthi bayifice seyijike kakhulu iHilal ingasafani nale abayenza iNandos beyibhuqabhuqa kakula eLoftus Versfeld njengoba manje seyiphekwa nguFormosinho.
Uncome ushintsho olufike nalo mqeqeshi wasePortugal kwiHilal, wathi kuyacaca isazoba yingozi kakhulu uma esekuzinzise kahle afuna likwenze iqembu.
“Ngemuva kokubuka ama-video, nokuqoqa ulwazi ngeqembu, besazi ukuthi selijike kakhulu muva nje. Akulula ukuguqula iqembu libe ngelakho uma ungumqeqeshi ikakhulukazi ngesikhathi esincane njengoba enzile yena (uFormosinho).
“Kusicacele bha ngesikhathi sicubungula ngeqembu lakhe ukuthi kunendlela yokudlala entsha. Kusukela efikile, iqembu seliyakwazi ukuphatha ibhola. Ngakho besazi kumele sizibambe ziqine. Besazi ukuthi uma ibhola lingekho kithi, kumele sivalisise izikhala ukuze bengasihlakazi kalula,” kusho uMokwena.
“Kukhona izikhathi esiwombeni sokuqala la besingakwenzi kahle lokhu. Lokho kwenze kwaba lula ukuthi bangene bephindelela ebhokisini lethu. Indlela abebeyisebenzisa esiswini isithusile ngoba besingayilindele yize besazi ukuthi bake bayisebenzisa phambilini.
“Kube ngcono esiwombeni sesibili ngoba sikwazile ukubagcindezela, sabadudulela emuva. Nomoya usisizile ngoba ubusuphikisana nabo. Bazamile uthola ezinye izindlala zokusihlasela kodwa sakwazi ukubanqanda. Senelisekile ngomphumela,” kuqhuba yena.
UFormosinho ube esengenelela encoma iSundowns eyifanisa neLiverpool neTottenham Hotspur okungamaqembu ase-England adlala ibhola elikhangayo futhi ayitholayo nemiphumela emihle.
“Indlela enidlala ngayo yinhle kakhulu. Indlela enigcina ngayo ibhola nisacinga intuba yokungena iyafana neyeTottenham (Hotspur) neLiverpool base-England. Ngiyanihalalisela. Nidlala njengamaqembu amakhulu ebholeni lomhlaba,” kusho uFormosinho.
Nokho sekuzomele aqinisekise ukuthi bayayishaya iTP Mazembe emdlalweni wabo ozayo uFormosinho, bese ethemba ukuthi iSundowns nayoniyayishaya iCR Belouzdad ukuze aqhubekele phambili kwiChampions League.
IBelouzad inyukele endaweni yesibili kuGroup B ngemuva kokushaya iMazembe ngo 2-0 ngawo uMgqibeko kusihlwa. ISundowns yona seyivele izibekisele indawo emzuliswaneni womkhumulajezi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *