Ifice kulenga ingidi iCity eFNB iChiefs ingabonwa nangokhalo

Ifice kulenga ingidi iCity eFNB iChiefs ingabonwa nangokhalo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Siphinde sacekeleka phansi isithunzi sePSL ngesikhathi iCape Town City ifica kulenga ingidi eFNB Stadium la beyithi iyobhekana khona neKaizer Chiefs ngoMgqibelo.

La maqembu bekumele agadulisane kusiphuke izidindi kule nkundla emdlalweni weDStv Premiership obubhekwe ngabomvu.

Nokho iKaizer Chiefs ayizange ilubhade enkundleni njengoba beyikade ivele ishilo ngoLwesihlanu ukuthi ngeke iwudlale yona lo mdlalo.

IChiefs beyikade ibhalele iPSL ngoLwesihlanu icela ukuba yonke imidlalo yayo esele ngaphambi kwekhefu likaKhisimuzi ihlehliswe.

Lokhu yathi kungenxa yokuthi ihlaselwe wukhuvethe lweCovid-19 oseluhaqe abadlali, abaqeqeshi nabanye abasebenzi abasondelene neqembu abangu-31.

Yathi seyiyalelwe ngodokotela ukuthi ivale amahhovisi ayo eNaturena ukuze wonke umuntu ake ayogonqa ukuqinisekisa ukuthi alibhebhetheki leli gciwane.

Kugcine kuvelile ukuthi iPSL yasichitha lesi sicelo seChiefs njengoba imithetho yayo ikucacisa ukuthi awukho umdlalo ozohlehliselwa izizathu zeCovid-19.

Yize isicelo sayo sachithwa iChiefs yamemezela ukuthi yona ngeke iye kulo mdlalo.

Nokho iCity yina iqhubekile yaya eFNB Stadium ilandela imithetho efanele.

Kulapho ke la ifike yazithola inenkinga ingasakwazi ukungena enkundleni njengoba ifice kuzilengela ingidi nje.

FUNDA NALA: Amakhadi amabili abomvu umdlalo uqala one owePSL

Nonompempe bafikile kanti ukubhekwa kwamakhadi abadlali nokunye okwenziwa ngaphambi komdlalo kwenzelwe khona ngaphandle kwenkundla.

Ngokwemithetho yePSL bekumele iCity ifike igingqe bese izicoshela amaphuzu amathathu kalula.

Nokho njengoba igcine ingangenanga nje enkundleni akucaci ukuthi kuzomiswa kanjani kulolu daba.

Kulindeleke iPSL iphawule ngalolu daba ngoMsombuluko ukuze icacise ngokuzekwenzeka.

IChiefs inomdlalo neGolden Arrows ngoLwesithathu kanti kuzothatha amehlo ukubona ukuthi izoya yini kuwo noma izowuyeka kanjalo nawo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.