IFIFA ihlokoloza isidleke sezinyosi ngoguquko eluhlongozayo ebholeni

IFIFA ihlokoloza isidleke sezinyosi ngale mithetho yayo eyihlongozayo
Umengameli weFIFA, uGianni Infantino
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ngemuva komsindo osuke kulandela ukuhlongozwa kokusungulwa kwe-European Super League ezinyangeni ezedlule, kufufusa omunye umdonsiswano nenkanankana ebholeni lomhlaba.

Kuke kwashuba impela ngo-Ephreli ngesikhathi iManchester United, Manchester City, Chelsea FC, Liverpool FC, Tottenham Hotspur, Arsenal, Barcelona FC, Real Madrid, Athletico Madrid, Inter Milan, Juventus, AC Milan, kuvela ukuthi yiwona abehamba phambili ekusunguleni le ligi ebibukeka izoyishaya phansi i-Uefa Champions League ne-Europa League.

Kuthe uma sekungenelela izikhulu ezephezulu zebhola e-Europe la maqembu agcina exolisile, futhi ahoxa ngokusemthethweni kule nto abefuna ukuyiqala. Aze asatshizwa ngokuthi abadlali bawo ngeke bavunyelwe ukudlala imiqhudelwano emikhulu njengeNdebe yoMhlaba uma eqhubeka nale ligi.

Nokho kulokhu ukukhuluma kungase kudalwe yiFifa uqobo, ehlongoza ukushintsha imithetho kunobhutshuzwayo. Ngokusho kweMundo Deportivo, iFuture of Football Cup okungumqhudelwano wabasebancane, iwona (lo mqhudelwano) osetshenziswa ukuzwa amanzi ngobhoko.

UFlorentino Perez, ongumengameli weReal Madrid, nosihlalo we-European Super League, egcine ingaphumelelanga, uke waveza ukuthi kudingeka ushintsho ebholeni ukuze livikeleke.

“Kungenzeka kudingeke senze imidlalo yebhola ibe mifushane,” wacashunwa esho kanje. Ngokwemibiko yilokhu okungase kwenzeke uma kuvunyelwana ngoshintsho ebholeni:

  • Isiwombe ngasinye somdlalo singaba yimizuzu engu-30 hhayi ewu-45 njengoba kwenzeka manje. Kodwa uma ibhola liphumela ngaphandle kumele limiswe iwashi njengoba kwenzeka kwi-basketball nasebholeni lombhoxo.
  • Abadlali bangashintshwa noma yikangaki. Ngokujwayelekile bathathu kuphela abadlali abakwazi ukushintshwa. Ngenxa yeCoronavirus njengamanje baba bahlanu.
  • Uma ibhola liphume eceleni alizukujitshwa ngezandla njengoba kwenzeka manje kodwa lizokhahlelwa.
  • Umdlali othola ikhadi eliphuzi kumele aphumele ngaphandle imizuzu emihlanu. Lokhu kucisho kufane nokwenziwa ebholeni lombhoxo lapho umdlali othola ikhadi eliphuzi ehlala ngaphandle imizuzu engu-10.
FUNDA NALA: IPirates seyethule ijezi eziswenka ngalo ngesizini ezayo

Kuthiwa zonke lezi zinto iFifa izozibhekisisa bese iziphakamisa kwi-International Football Association Board (IFAB). Nokho akukho nokuncane ukungabaza ukuthi kuzoba nomdonsiswano omkhulu ngalokhu yize kungabe kuqhamuka kuyona uqobo iFifa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.