IFifa isiqalile ukuluphenya olukanompempe oshwebise iBafana

IFifa isiqalile ukuluphenya olukanompempe oshwebise iBafana
UMaguette N'diaye
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter 

Sekungawo amagama enkehli. IFifa seyiqinisekisile ukuthi seyivule uphenyo mayelana nomdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba obuphakathi kweGhana neNingizimu Afrika.

Lokhu kulandela ukuthi iSouth African Football Association (Safa) ifake isikhalazo ngonompempe obephethe umdlalo eCape Coast Stadium.

Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iqalise ukucubungula lolu daba ngoMsombuluko ngemuva.

Lokhu bekungemuva kokuthi iSafa icele ukuthi ibukisiswe indlela abephethe ngayo umdlalo unompempe uMaguette N’diaye, onike iBlack Stars iphenathi ngesiwombe sokuqala somdlalo.

Ukuwina kweGhana ngo 1-0 lo mdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, kwenze ukuthi idlulele esigabeni esilandelayo, yasala kanjalo iNingizimu Afrika.

“IFIFA ithole isimangalo esivela kwiSouth African Football Federation mayelana nalolu daba (lwephenathi) ngakho izolubheka.

“Siyacela ukuthi niqonde ukuthi ngeke sikwazi ukuphawula kakhulu kulolu daba okwamanje,” kusho iFIFA
kafushane ngoLwesibili.

Le phenathi sekukhulunywe kakhulu ngayo selokhu kudlalwe lo mdlalo ngeSonto.

UDaniel Amartey uwe ebhokisini ngemuva kokuthi kushaywe ikhona, kanti ngemuva kwakhe bekukhona isitobha seBafana Bafana uRushine de Reuck.

U-Amartey ucashunwe ethi uDe Reuck umdonsile okuyiyona into eyenze ukuthi awe ebhokisini.

FUNDA NALA: Izikhulu zePSL zibhinqe uMaMkhize ekhona emhlanganweni

Akulula ukusho okwamanje ukuthi yikona kuphi okwenzeke ngempela kodwa abaningi babone sengathi umdlali waseNingizimu Afrika akamthintanga u-Amartey.

Uma iGhana itholakala inecala kuzobhekwa ngabomvu ukuthi ngabe iFifa izothatha siphi isinqumo.

Ngo-2018 umdlalo phakathi kweBafana neSenegal kwadingeka uphindwe ngenxa yephenathi engacacile eyayinikwe iNingizimu Afrika.

Ngaphandle kwephenathi emdlalweni weGhana neBafana, kuningi okunye iSafa ekhala ngakho ukuthi akahambisanga kahle kukona unompempe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.