IFifa iyichithile iSafa ngesikhalo ngomdlalo neGhana

IFifa iyichithile iSafa ngesikhalo ngomdlalo neGhana
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Inhalngano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa seyisikhabe ngazo zombili isiceli seSafa sokuthi uphindwe umdlalo weBafana Bafana neGhana odlalwe ngenyanga edlule.

ISafa yayisole ukuthi unompempe owayephethe lo mdlalo waba nokwenzelela okwazisa iGhana ukuthi inqobe ngo 1-0.

Lona kwakungumdlalo wokugcina esigabeni samaqoqo sokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022 kanti owayezowina wasyezodlulela phambili.

Yasala inxapha yodwa ke iSafa yaze yabika ezweni ukuthi akukho zinyane lenvubu ladliwa zingwenya kwacweba iziziba.

Nokho ziphinde zehla iziqhomo njengoba iFifa ithe lesi sikhalo sayo asinaso isisindo ngokwanele ukuthi isingaqala uphenyo ngaso.

“Isikhalo esafakwa yiSafa sichithiwe yisigungu esiqondisa izigwegwe ngoba asizenelisi zonke izimfanelo ezidingwa umthetho wesigaba 46 weFifa Disciplinary Code.

FUNDA NALA: IChiefs isicele ukuhlehliselwa yonke imidlalo yayo esele nonyaka

“Asenelisi futhi nasesigabeni 14 semigomo yemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlanba ka-2022.

“Lesi sinqumo sivulelekile ukuthi singafakelwa inselelo,” ibifundeka kanje impendulo yeFifa osekunesikhathi yalindelwa.

Bekungakacaci ke nokho ukuthi iSafa izoyifaka yini inselelo yokuphikisa lesi sinqumo, iludlulisele phambili udaba.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.