Ifihle induku emqubeni, yadukela nayo iSundowns ithola isibhaxu

UGeorge Maluleka

OKADONGA GUMBI

Lephuke kanye nezinhliziyo zabalandeli bayo irekhodi leMamelodi Sundowns lokungehlulwa ishayelwa ekhaya yiCR Belouzdad yaseMorocco ngo 2-0 eLoftus Versfeld ngoLwesihlanu ntambama.

Bekungumdlalo wokugcina kwiGroup B kwiCaf Champions League kanti yize ubungasabulekile, kodwa ukuhlulwa okokuqala emuva kwemidlalo engu-29 ingayazi induku kushiye izinhliziyo ziqaqamba kubalandeli.

ISundowns yayibukise ngayo iBelouzdad emlenzeni wokuqala iyishaya ngo 5-1 emdlalweni la eyayibafundisa khona ibhola. Kodwa kuyacaca bafike kuleli bebuswa wumqondo wokuziphindiselela.

Lo mphumela ubeke iBelouzad endaweni yesibili ngamaphuzu ayithupha okusho ukuthi nayo idlulela phambili kulo mqhudelwano.

ISundowns – esivele ingenile esigabeni somkhumulajezi kwiChampions League – iwuqale ngeqembu elishintshile umdlalo kunikwa abanye abadlali asebenesikhathi bagcina ukudlala ithuba.

Buka nje ngoba emuva beyibophele oRicardo Nascimento kwesokunxele, George Maluleka eswipha bese uBrian Onyango engakwesokudla. Esiswini bekukhona oMothobi Mvala, Aubrey Modiba, Khuliso Mudau noHlompho Kekana. Phambili beyihlasela ngoPeter Shalulile, Thapelo Morena noSibusiso Vilakazi.

Lokhu kusheshe kwakhombisa ukuthi kungenzeka kube yiphutha njengoba kuthe ngomzuzu ka-29, u-Amir Sayoud waliqulela enethini ibhola, ebeka iBelouzdad phambili. Uphinde wabuya lo mdlalo othwala unombolo 10 sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini, washaya elesibili, eqansisa ummango okumele iMasandawana iwuqwale esiwombeni sesibili.

Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, iSundowns yenze izinguquko ezintathu kukhishwa oMaluleka, Mudau noMvala ezindaweni zabo kwangena oLesedi Kapinga, Promise Mkhuma noGift Mothupa.

Izamile ke ukubuya, kodwa kwasho khona ukuthi sekuyasinda impela – nokho amathuba iwatholile yona.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.