IFrance ivulele induku kwasolwa izinguquko zikaNotoane kuma-Olympics

Kuphuke izinhliziyo, kwasolwa izinguquko zomqeqeshi iFrance ifaka induku
U-Evidence Makgopa
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

INingizimu Afrika kumele izisole yona ngokushaywa kwayo iFrance ngo 4-3 emdlalweni wesibili wama-Olympics, eSaitama Stadium, eJapan, ngeSonto emini.

Iqembu lakuleli lenze amaphutha amane aqinisekise ukuthi lilahla amaphuzu yize kade lidlala kahle kakhulukulo mdlalo. INingizimu Afrika ibifike ishaye igoli bese ikhohlwe ukuthi kumele ivale emuva.

Lokhu bekwenza ukuthi iFrance ibuye ilinganise kungakapheli nemizuzu emingaki. Kuqale uKobamelo Kodisang oshaye elihle igoli leNingizimu Afrika ngomzuzu ka-53.

Kube sekubonakala ukuthi abafana bakaDavid Notoane bazimisele ngokuqoqa amaphuzu amathathu kulo mdlalo. Nokho ubuyile u-Andre-Pierre Gignac ngomzuzu ka-56 washaya elokulinganisa leFrance.

Iphinde yadlala kahle iNingizimu Afrika ngemuva kwalokho ilinyathela kangcono kuneFrance. Ngomzuzu ka-73 u-Evidence Makgopa ushaye igoli yaphinde yahamba phambili ngo 2-1 iNingizimu Afrika.

Baphinde balala futhi emuva abafana bakuleli wabuya uGignac washaya igoli lesibili. Ngesikhathi sezibambene ngo 2-2 bekubukeka sengathi iqembu elizoshaya igoli yilona elizohamba namaphuzu amathathu.

Ikwenzile lokho iNingizimu Afrika ngesikhathi uTebogo Mokoena eshaya elihle igoli ngomzuzu ka-81, kwabukeka sengathi seyiwele ngelibanzi i-Under 23 yaseMzansi.

UNotoane ushintshile wafaka abadlali abakwazi ukuvala emuva kodwa kubukeka sengathi lokhu kuyidonsele amanzi ngomsele iNingizimu Afrika. Ibisidlalela emuva kakhulu nokuyinto eyenze ukuthi idale iphenathi ebekwe phakathi uGignac kwaba ngu 3-3.

FUNDA NALA: UTsotsobe ubhoboke ngokucwaswa nguGraeme Smith kumaProteas

IFrance ibisihlasela kakhulu kanti bekubukeka sengathi iNingizimu Afrika isifuna ukubambelela ephuzwini elilodwa. Kuvele konakala ngesikhathi uSavanuier eshaya igoli lesine leFrance ngemizuzu yokugcina kule ebeyengezwe unompempe.

Ukushaywa kweNingizimu Afrika kusho ukuthi ngeke isadlulela phambili noma ingawuwina umdlalo wokugcina ezowudlala neMexico. Yilona lodwa iqembu elingakawini kuGroup A lapho kukhona neJapan engosokhaya.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *