Ifu elimnyama kushona oweKaizer Chiefs

Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs isemanzini kulandela ukudlula emhlabeni kukaKatang Masemola, obeyinhloko yabaqaphi eqenjini iminyaka engu-12.

Ngokusho kweChiefs kwi-website yayo uKatanga, obeneminyaka engu-50, uhlatshwe ukugula wase engeniswa esibhedlela emasontweni amabili edlule. Ugcine edlule emhlabeni ngoMgqibelo ngo-Ephreli 9 ka-2022.

“Iqembu lisebenza ngokubambisana nomndeni wakhe ukuqinisekisa ukuthi uzakwethu ebesimthanda, uthola ukuvaleliswa okumfanele,” kusho isitatimende seChiefs.

“Siyabonga kakhulu kuKatang ngokuzinikela kwakhe kuMakhosi nakho konke akwenzele iqembu. Sizomkhumbula sonke eKaizer Chiefs Village. Sengathi uphefumulo wakhe ungaphumula ngoxolo.”

IChiefs kubhekeke ukuthi ijabulele ukuba nabalandeli enkundleni okokuqala uma isibhekene neSuperSport United, emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku.

Ukuwina lo mdlalo kuzokwenza iqinise indawo yayo lapho ihleli khona kweyisithathu. Ngeke ikwazi ukudlula iRoyal AM esendaweni yesibili ngamaphuzu angu-43.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.