Ifuna igoli kodwa ayinamgadli iChiefs

ULeonardo Castro

OKADONGA GUMBI

Kuzomele aqhamuke nelinye icebo lokuthi uzowathola kanjani amagoli umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt njengoba ezobhekana neHoroya AC eGuinea enganaye umgadli.

Amakhosi azobhekana neHoroya ngoMgqibelo ngo 9 ebusuku emdlalweni wawo wokugcina esigabeni samaqoqo la eboshelwe khona kuGroup C kwiCaf Champions League.

EzikaHunt zidinga ukudlala ngokulingana kodwa kube namagoli, noma ziwine ukuze zidlulele esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano okuyiwo kuphela ezisenethuba lokudla isicoco kuwo.

Inkinga ebhekene noHunt wukuthi uzoqala umdlalo engenaye umgadli angamethemba ukuthi uzowenza umsebenzi njengoba elinyalelwe nguLeonardo Castro kanti uSamir Nurkovic yena umisiwe kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu bebhekene neWydad Athletic ngempelasonto edlule.

“Bobabili abagadli bethu abekho lapha, okuyinto esilimaza kakhulu” kusho uHunt. “Asinaye umuntu ozodlala uNombolo 9, ngakho kuzomele sizame amanye amasu njengoba uCastro noNurkovic bengekho. Emidlaweni efana nalona uyamdinga uNombolo 9, kodwa ke sekuzomele senze ngenye indlela, mhlawumbe sijike indlela esidlala ngayo.

“Sidinga ukushaya igoli (kuqala) ukuze sibafake ingcindezi ngoba kuzobe sekuphoqa ukuthi bona bashaye amabili. Ukudlala ngokulingana kunamagoli yiyona indlela ebukeka ilula njengananje kodwa ibhola alisebenzi kanjalo.

“Leli qembu esizodlala nalo sekunesikhathi eside lagcina ukushaywa uma lisekhaya, kodwa kumele sizame ukuthola igoli (kuqala). Yilokho okubaluleke kunakho konke okwamanje,” kusho uHunt.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.