Ifuna ukubhodla ngeChiefs iSundowns egotshwe AmaZulu

UManqoba Mngqithi

OKADONGA GUMBI

IMamelodi Sundowns seyijike amehlo yawahloma ngqo kwiKaizer Chiefs ezokhiphana nayo inkani emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Versfeld ngeSonto ntambama.

ISundowns ishukane yaze yabukana naMaZulu FC emdlalweni weligi eJonsson Kings Park Stadium ngoLwesithathu ntambama, umdlalo waphela ngo 0-0.

Empeleni nje, isinde ngokulambisa iMasandawana njengoba Usuthu belusho ukuyidla luhlaza. Kodwa nayo beyingazibekile phansi ifuna ukukhipha isibhongo sokushaywa kwayo ngempelasonto edlule.

Phela amaMasandawana abuya enyobozela eLimpopo esewashiswe ijezi yiTshakhuma Tsha Madzivhandila, eyabahlula sekukhahlelwa amaphenathi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo wabo naMaZulu, umqeqeshi wamaBrazilians, uManqoba Mngqithi uthe ubona uzoba ngcono ngokwesisindo lo mdlalo ozayo.

“Lo mdlalo weChiefs ungcono ngokuthi sizoba nesikhashana esithe xaxa sokuzilungiselela. Ngicabanga ukuthi sesidlale imidlalo engu-12 ezinsukwini ezingaphansi kuka-30.

“Siyazama ukuthi sihlale siyimiqemane yize sazi ukuthi sesidlale isikhathi eside kakhulu,” kusho uMngqithi.

“Kungconywana njengamanje ngoba sidlale ngoLwesithathu kanti sesiyoze sibuyele enkundleni ngeSonto, ngakho sinosuku olwengeziwe okuyinto ebingenzeki emidlalweni edlule.

“Sinethemba lokuthi iqembu lizobe selingcono kakhulu emdlalweni wangeSonto,” kuchaza uMngqithi.

Ebuyela emdlalweni woSuthu, uthe bakwazile ukuluzabalazisa yize lona kade lube nesikhathi eside sokuphumula kunabo.

“Sibabambe ngakho konke uma ubheka isimo sokuba futhi, futhi akubonakalanga ukuthi sikhathele. Abazange basixake kangako.

“Mhlawumbe ngasekupheleni komdlalo kuvelile ukuthi sesiyakhathala, kodwa ukukhuluma iqiniso nje, siyakwazi ukusheshe sibuyele esimweni esifanele ngoba vele sikujwayele ukudlala imidlalo eminingi,” kuchaza uMngqithi.

Bazoyifica kahle iChiefs iziqhugela, imimoya iphansi kulandela ukudunyazwa yiCape Town City eyishayele ekhaya ngo 2-1 ngawo uLwesithathu.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.