Ifuna ukudlula ngehubo kwiStellies iDowns

URulani Mokwena

MTHOKOZISI MNCUSENI

Akakholwa ukuthi kukhona okungase kuphazamise umgqigqo weMamelodi Sundowns wakamuva uRulani Mokwena ongomunye wabaqeqeshi baleli qembu okuseyilona lodwa elingayazi induku kwiDStv Premiership.
IDowns ibuyela kweyeligi yakuleli ngemuva kwemidlalo ebibukeka inzima kodwa yayinqoba yonke kalula ngaphansi kweCaf Champions League neNedbank Cup ngokwahlukana.
Kule midlalo emithathu beyibhekene neCR Belouzdad yase-Algeria, yiTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) (kwiChampions League) nePolokwane City edlala kwiGladAfrica Championship (kwiNedbank Cup), iSundowns ishaye amagoli angu-11 yangenelwa amabili nje kuphela.
Yize konke kubukeka kukuhle, uMokwena ushumayela eyokungabuki ngokuthi kudlalwa nobani kepha kuqhubeke umggqigqo okuqala ngoMgqibelo ngo-1 emini lapho bezovakashela khona iStellenbosch FC eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, eKapa.
EzikaMokwena ziya kulo mdlalo nefomu emangalisayo njengoba ziwine imidlalo yeligi emithathu ilandelana.
“Mayelana namalungiselelo ngingasho ukuthi ahambe kahle yize singazange sisithole isikhathi esanele sokuzilolonga njengokujwayelekile senze nomsebenzi enkundleni.
“Akuyona nokho inkinga lokhu ngoba vele kwiSundowns siyazi ukuthi izikhathi ezifana nalezi ziyafika yingakho sesazifundisa izindlela eziningi zokuziqeqesha ngaphandle kokungena enkundleni, kusho uMokwena eveza ukuthi basebenza kakhulu nangama-video abo nawezitha.
Ukubalulile uMokwena ukuthi babhekene nenkinga yokuqoka iqembu kwazise laba abangalijwayele ijezi bangene benza into yamehlo emdlalweni odlule nePolokwane.
“Abadlali abangajwayele benze okufanele kwiPolokwane manje kunzima ukuphinde umshiye ngaphandle umdlali uma enze njalo.
“Siwulungele umdlalo ngalabo badlali esizobasebenzisa yize singakazi ukuthi yibona baphi ngoba abadlale kwiPolokwane abazange baphoxe,” kusho yena.
Okumnika ithemba lo mqeqeshi ukuthi bazodlala neqembu elingalokothi lipake ibhasi okuyinto eyenza kube nzima ukudlala.
“Okusikhuthazayo ngalo mdlalo neStellies ukuthi siyazi siyodlala nabantu abangavele bame emuva kepha abanezindlela eziningi zokuvula izimbobo kulabo abasuke bebhekene nabo.
“Ingakudida ikuqede indlela abadlala ngayo kodwa njengoba sisanda kubhekana nabo (muva nje) sikuqonda kahle okufanele sikulindele kanjalo nokufanele sikwenze.
“Kuningi okumele ukuqaphe uma ubhekene naleli qembu yingakho siya kulo mdlalo siwavule wonke amehlo ngisho nalawa asesiphundu,” kusonga uMokwena.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *