Ifuna ukuveza ukukhonya kwayo iSundowns kweyabesifazane

UMelinda Kgadiete
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns Ladies inethemba lokuqhubeka nomgqigqo wayo njengoba izotholana phezulu neFirst Touch Academy emdlalweni weHollywoodbets Super League. Lo mdlalo uzoba seLucas Moripe Stadium, eitoli ngoMgqibelo ngo 3 ntambama.

ISundowns Ladies ithole isibhaxu ngempelasonto edlule kanti umqeqeshi wayo, uJerry Tshabalala akaphathekanga kabi ngalokhu. Uthi yinto ebeyidinga ukukhunjuzwa ukuthi bangashayeka uma bebhayiza.

“Okubalulekile wukuthi sivuke sizithathe ngemuva kwalo mphumela wangempelasonto edlule. Lo mphumela usivusile wakhumbuza abadlali ukuthi namanye amaqembu ayathuthuka futhi asekulungele ukusifakela inselelo.

“Sesivukile othulini sazithintitha futhi sesiwubheke ngabombu umdlalo olandelayo,” kusho uTshabalala. ISundowns Ladies yiyo ehlezi eqhulwini ngemiva kwemidlalo eyisikhombisa.

Inegebe lamaphuzu amathathu njengoba inamaphuzu angu-19, kanti iJVW Ladies yona isezithendeni ngangu-16 kanti isigade ukuthi uma ike yaqhuzuka isondele eduze. Umdlali waleli qembu lasePitoli, uMelinda Kgadiete uthe kumele bakukhombise ukuthi kukhonya bona kule ligi.

“Sesiwulungele umdlalo, sifuna ukubulala kwasani ephambi kwethu. Yithi esivikela isicoco ngakho kumele sikukhombise lokho. Siyawadinga amaphuzu amathathu. Sifuna ukuhlala eqhulwini kuze kumele isizini,” kusho uMelinda.

Eminye imidlalo ngawo uMgqibelo nayo iyaqhubeka kwezinye izifunda. IBloemfontein Celtic Ladies idlala neJVW Ladies eDr Molemela Stadium eBloemfontein.

I-JVW yenze ezibukwayo ngempelasonto edlule njengoba idlale ngokulingana neSundowns evikela lesi sicoco. Umdlalo waphela ngo 2-2 kanti iJVW izobe ifuna ukuqhubeka nalo mgqigqo.

IThunderbirds Ladies, okuyiqembu elizinze e-Eastern Cape, idlala ekhaya neCoal Wizards eSisa Dukashe Stadium e-East London. ITsunami Queens yona izotholana phezulu ne-University of the Western Cape e-Intabazwe Sports Complex, eHarrismith.

IMa-Indies Ladies yona idlala neGolden Arrows eGiyani Stadium. Bese kuthi iqembu elisezansi kwilogi, iDurban Ladies ebheke ukuthi ligweme ukuhlala emsileni, izodlala neRichmond United, okuyiqembu elizinze eNorthern Cape.

NgeSonto imidlalo iyaqhubeka njengoba kuzotholana phezulu amanyuvesi aseGauteng, i-University of Johannesburg ne-University of Tshwane eTUT Stadium. Lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma kwiSABC 1.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.