Ifuna ukuzidlela amahlanga kwiTwo Oceans neComrades iHollywoodbets

Ifuna ukuzidlela amahlanga kwiTwo Oceans neComrades iHollywoodbets
ULoveness Madziva
Alfred Ngubane

IHollywoodbets Athletics Club izothumela abasubathi abaningi kakhulu kwiTwo Oceans Marathon nakwiComrades Marathon ngokusho kukasihlalo wayo uMorgan Shandu.

Uthi impi bayicijele njengoba befuna ukuyinqoba yomibili le mijaho ukuze bakhombise ukuthi abezele ukuzosinisa amahleza kwezokusubatha.

“Asingabazi nakancane njengoba sisayine abasubathi abaningi abanamava kule mijaho yomibili engeekhulukazi kuleli,” kusho uShandu.

Kubasubathi ezogadla ngabo kukhona o-Anne Ashworth, kube uProdigal Khumalo, Mahlomola Sekhonyana, Loveness Madziva, Thobani Chakwe noNkosikhona Mhlwakwane.

FUNDA NALA: OweBaroka unethemba lokuthi bazovuka ngeChiefs

U-Ashworth wanqoba iComrades ngo-2018. USekhonyana uhlomule kabili ngamagolide kwiTwo Oceans.

UMadziva useke wawina imijaho emithathu okuyiSoweto Marathon, Prince Mangosuthu Marathon neHarry Gwala Marathon.

UChakwe yena uwine iMandela Marathon neHarry Gwala Marathon bese kuthi uMhlakwana yena waba ngumpetha kwiZululand Marathon nePrince Mangosuthu Marathon.

UShandu uphinde waveza ukuthi umjaho we-10 km uzoba khona kanti imali yawo izophindwa kabili.

Leli qembu selivule amahhovisi alo eGauteng nase-Eastern Cape njengoba selikhuphule kakhulu isibalo sabasubathi namalungu.

“Sinesikole la bonke abasubathi bethu bezofundiswa khona ngokuphathw akwezimali ukuze bengazitholi sebengophuya uma sebeyekile ukusubatha ezingeni elikhokhelayo.

“Siyabacela ke ukuthi bangalibukeli phansi leli thuba kodwa balithathe balisebenzise ngoba bazohlomula lukhulu ngalo,” kuphetha uShandu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.