Ifuna ukuziveza ngeSundowns ukuthi seyihlangene kahle iTS Galaxy

UMxolisi Macuphu

SIHLE NDLOVU

I-TS Galaxy ingelinye lamaqembu abeyibamba okokuqala kwiDStv Premiership kule sizini ka-2020/2021 esongwayo kodwa ibukeka isethubeni elihle kakhulu lokuqeda kwiTop 8.

Leli qembu likaTim Sukazi eliqeqeshwa ngu-Owen da Gama, lizobe lidlala kwiPremiership nakanjani ngesizini ezayo ngoba ngeke lisazithola lidliwa yizembe. IGalaxy isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-32 emidlalweni engu-25.

Okuhle ngayo ukuthi isalele emuva ngomdlalo owodwa kwiKaizer Chiefs engemuva kwayo ngamaphuzu angu-29. IChiefs akuyihambeli kahle kule sizini kanti kubukeka sengathi ingase iphuthwe yithuba lokuqeda kwiTop 8 uma kubhekwa indlela edlala ngayo kwiligi.

IGalaxy inomdlalo onzima ngeSonto njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns ezihola phambili kwilogi, eMbombela Stadium ngo-3 ntambama. Ukuwina lapha ngeke kuyishintshe indawo ekuyona iGalaxy kodwa ingashiya iChiefs ngamaphuzu ayisithupha njengoba kuzobe sekusele imidlalo emine kusongwe isizini.

UMxolisi Macuphu, ongumgadli othenjiwe kuleli qembu, uthi yinto enhle kakhulu ukuthi bakwaze ukuhlanganisa amaphuzu angu-30 kodwa bayibhekile iTop 8.

“Yinto eyehla kahle kakhulu ukuthi sifike kumaphuzu angu-30 sadlula. Ngicabanga ukuthi ozakwethu benze umsebenzi omuhle kakhulu, akekho obesinike ithuba. Kube ukusebenza kanzima, ukubambisana nokungayeki ukuzama.

“Kuwo wonke umuntu oseqenjini, abashayeli, usisi ophekayo siyabonga kakhulu. Yinto enkulu lena esiyenze kule sizini. Sesidlulile kumaphuzu angu-30 sibheke ukuthola indawo kwiTop 8. Yilokho esizibekele ukuba sikuzuze kule midlalo emihlanu esele, ukuthi sinyuke. Kungenzeka noma yini kodwa sesizibeke ethubeni lokuthi siyaphusha yini kule midlalo emihlanu esele bese sithole indawo enhle okuyiTop 8,” kusho uMacuphu.

Ukuhlala kwiTop 8 kweGalaxy kungase kucaciswe iwona umdlalo weSundowns. Uma iGalaxy ingazama ukuthola iphuzu libe linye kulo mdlalo ingabe isebenzile.

“Sizimisele ngokufaka umfutho njengoba siya emdlalweni weSundowns, umfutho ofanayo nalo ebesinawo emidlalweni emibili edlule. Sidlala kahle manje njengeqembu sesiyazana. Umoya muhle kakhulu, siyiqembu elihle.

“Abantu abazi ukuthi iTS Galaxy yiqembu elihle kakhulu. Liyakwazi ukudlala ibhola elihehayo. Leli yithuba lethu lokuya kulo mdlalo bese sikhombise abantu ukuthi kungani sikwiTop 8. Kungenxa yebhola esilidlayo. Sifuna amaphuzu aphelele kulo mdlalo,” kuphetha uMacuphu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.