Igadle ekugcineni iRoyal AM idumaza omkhaya iMaritzburg ngenduku

Igadle ekugcineni iRoyal AM idumaza omkhaya iMaritzburg ngenduku
UKabelo Mahlasela no-Amadou Soukouna
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ujike ekugcineni waba mnandi kade uke wacishe waba mumbi umdlalo womkhaya weDStv Premiership la iRoyal AM ishaye khona iMaritzburg United ngo 2-1 eChatsworth Stadium ngeSonto ntambama.

Igoli lokuwina leRoyal AM lingene sekubalwa amanenjana umdlalo uphele futhi cishe neMaritzburg ibisilibalile iphuzu ebizophuma nalo.

Bezithengana ngasekuqaleni kwesiwombe futhi kubukeka sengathi azoba maningi amagoli ngoba bezingasabani.

Kodwa ngokuhamba komdlalo kwacaca ukuthi akulula kakhulu njengoba beyingekho ekwazi ukwakha amathuba acacile.

Zigadulisanile khona zizama kodwa kungayeki ndawo kwaze kwaba kuyiwa ekhefini zisabambene kungekho nagoli.

Umdlalo bese uyela ngasekutheni uzogcina sewubhora. Kuqhamuke uVictor Letsoalo walamula eshaya igoli ngomzuzu ka-70.

Uhlangane nebhola elihle ebeligotshwe uTegbogo Monamodi ngakwesokunxele, wathi uyaliphebeza unozinti lazishayisa ekhanda likaLetsoalo laqabula inethi.

Kuthe sekubhekwe ukuthi iwawola wonke amaphuzu iRoyal AM, yabuya iMaritzburg yathola igoli lokulinganisa.

Lihambisane nokuba nenhlanhla njengoba uZukile Kewuti ubengabonakali eqonde ukushaya igoli kodwa ibhola lakhe lamdida uPeter Nyame obevimba kahle, lakhala enethini.

FUNDA NALA: UBaxter uthi akafuni ukuwina ngenhlanhla yena 

Lo mdlalo bewungelula neze futhi ikusebenzele ukuwina. Kukhombisile ukuthi useqinile uJohn “Vul’igate” Maduka ekuqeqesheni.

Ukwazile ukuhlela iqembu lakhe ngendlela emxakile u-Ernst Middendorp weMaritzburg ongomunye wabanamava amaningi kuleli.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.