‘Igadle enxebeni iSundowns ihlula iBucs’

USiphesihle Ndlovu

OKADONGA GUMBI

Kwenzeke abekulindele, yize ebengakufisi umdlali we-Orlando Pirates, uSiphesihle Ndlovu beshaywa yiMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership ngempelasonto.

IMasandawana igadle yaphindelela umdlalo sewuya ngasekugcineni, yaphuma namaphuzu amathathu e-Orlando Stadium seyiwine ngo 3-0.

UNdlovu uthi njengoba kulo mdlalo weDStv Premiership bekushiyana ulwazi lwamacebo okudlala, bebekwazi ukuthi iqembu elizowina elizogwema amaphutha.

Yingakho iPirates isale incela izithupha nje kwazise yenze amaphutha abucayi, yangena ngalelo nxeba yagadla iSundowns.

Kuqale ngesikhathi u-Innocent Maela ebamba ibhola ngesandla engaphakathi ebhokisini, uRicardo Nascimento wayivalela enethini iphenathi.

Elesibili kube yiphutha elisuke kuThulani Hlatshwayo ohluleke wukususa ibhola aliqhelise ngakubo.

Liphelele phambi kukaPeter Shalulile, walinamathisela enethini.
Kwelesithathu, uNtsikelelo Nyauza udlalise kabi uGift Motupa ngaphandle kancane kwebhokisi, kwaba yi-free kick.

Unozinti weBucs, uWayne Sandilands bekumele enze kangcono ukuzama ukuvimba ibhola likaLyle Lakay. Kodwa ubonakale sengathi ubelindele liye kwesokunxele sakhe, lathi uma lidla kwesokudla, wasala emile.

“Njengeqembu, sizikhandlile, ngebhadi basingene ngamaphutha ethu. Besazi ke nokho ukuthi ozodliwa kuzoba ngenxa yamaphutha akhe kwazise bekuwumdlalo wamacebo aphambili,” kusho uNdlovu.

Bekungokokuqala selokhu kwafika uJosef Zinnbauer iBhakabhaka lishayelwa esibayeni salo e-Orlando Stadium.

“Irekhodi lethu seliphukile, kodwa ke okwenzekile sekwenzekile, ibhola linjalo nje.

“Sesibheke ukulungisa amaphutha, siqinisekise ukuthi siyakhohlwa yilokhu, sibheke phambili,” kuchaza lo mdlali odabuka eMgungundlovu

Kumele isheshe ikudlulise ngempela okuyehlele iBucs kwazise inomdlalo ongelula ngoLwesithathu.

Izobe isekhona kwesikaMaminzela la izobhekana khona neBlack Leopards ngo 5 ntambama. ILidoda Duvha yayibukisa nezwe iPirates iyishaya ngo 2-0 emzuliswaneni wokuqala.

Njengoba manje seyigaxele kakhulu odakeni lwezembe, iLeopards izobe ilwa ngokuphindiwe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.