IGalaxy ihluthule izimpiko kwiSwallows ivulela isibhaxu

IGalaxy ihluthule izimpiko kwiSwallows ivulela isibhaxu
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Idlale elihle ibhola ngesikhathi ithola iwini yayo yesibili kule sizini iTS Galaxay eshaye iSwallows FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama.

Emdlalweni obuvutha eMbombela Stadium iRockets iqoqe amaphuzu amathathu aqinisekise ukuthi iyasuka emsileni, lapho iqale umdlalo ihleli khona.

IRockets isheshe yakhombisa ukuthi yini ezimisele ngayo kulo mdlalo.

Ngomzuzu wesikhombisa uSiphiwe Mahlangu ushaye elihle igoli engaphandle kwebhokisi wasala eneke amanabukeni uJody February, kwaba ngu 1-0.

Ngemuva kwalokhu iGalaxy idlale elihle ibhola, ilibeka phansi ibonana.

Lokhu bekubaluleke kakhulu ukuthi ibambe umdlalo, ingavumeli iSwallows ukuthi ithole ibhola kalula.

Ngomzuzu ka-39 uMxolisi Macuphu weGalaxy, ugeje elihle ithuba ephakathi ebhokisini, ibhola lakhe laphuma phezulu kwepali.

Umdlalo ugcine ushintshe ngo 1-0 futhi isiwombe sokuqala besiphethwe yiRockets.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili iZinyoni zibuye zaqala kangcono zizama ukuthola igoli lokulinganisa.

Nokho iGalaxy ayizange ilehlise izinga, futhi beyivala kahle kakhulu emuva.

Empeleni ngomzuzu ka-58 uMacuphu ucisho walibeka phakathi eqethuka ebhokisini kodwa waphika uFebruary.

Ukuhamba kwesikhathi bekwenza ukuthi inyukelwe ukuzethemba iRockets.

Lokhu kucace ngokuthi ibisizama ukukhahlela ngisho ikude ifuna igoli lesibili.

FUNDA NALA: UNyauza uthi seyilungile inkinga emuva kwiPirates, sekusele phambili

Ngomzuzuzu ka-73 uKhethukuthula Ndlovu uqonde ngqo kubadlali beGalaxy wadedela inguzunga kodwa wayichitha unozinti uVasilije Kolak.

Lo nozinti uphinde wavimba ibhola elibi ebelikhahlelwe uKeletso Makgalwa ngomzuzu ka-76.

Ngalesi sikhathi bese zithengana iSwallows ifuna igoli lokulinganisa kanti neGalaxy ibihlasela ngokuzuma ifuna elesibili.

UFebruary naye ubuvezile ubuqhawe bakhe evimba amabhola ami abeza neRockets.

Igcine ibambelele iGalaxy kanti ukushaywa kweSwallows kusho ukwehlela phansi kakhulu kwilogi yePremiership.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *