IGalaxy ikhombise ubuntu ivakashela owePirates esibhedlela

IGalaxy ikhombise ubuntu ivakashela owePirates esibhedlela
OkaDonga Gumbi

Ukulimala kabuhlungu kukaPaseka Mako ngemuva kokushayisana nonozinti onguzakwabo kwi-Orlando Pirates uRichard Ofori kuthuse abaningi kuleli.

Abadlali enkundleni babechiphiza izinyembezi ngemuva kwalesi sehlakalo esibi kwazise uMako wake waquleka isikhashana.

Washayiseka kabana ekhanda kanti namanje usesesibhedlela la aselashwa khona ngemuva kwalesi sehlakalo esenzeka bebhekene neBaroka FC emdlalweni weligi ngoLwesibili.  

ITS Galaxy yona yenze obekungalindelwe muntu futhi okukhombisa ubuntu ngesikhathi ivakashela lo mdlali esibhedlela iyomfisela ukwelulama ngokushesha.  

“Namuhla ekuseni umqeqeshi uSead Ramovic uthathe ingxenye yeqembu lakhe bayobheka umdlali we-Orlando Pirates uPaseka Mako esibhedlela. 

“Uma sisenkundleni siyizitha, kodwa ngemuva kwalokho singabantu bandawonye. Umndeni weTS Galaxy ukufisela ukuthi usheshe welulame,” libhale kanje leli qembu ezinkundleni zalo zokuxhumana. 

UMako, ongomunye wabadlali abamqoka kwiPirates, usalile ngesikhathi leli qembu liya eTanzania la liyoqhubeka khona nomkhankaso kwiCaf Confederation Cup.

FUNDA NALA: OweChiefs ujabulele ukudlala phambi kwabalandeli okokuqala kusukela afika kuyo

IPirates izogadulisana kusiphuke izidindi neSimba SC engelinye lamaqembu abhekiwe ekudleni le ndebe ngeSonto kanti iGalaxy ibafisele uhambo oluhle.

“Enga uMdali enganikeza bonke abaseqenjini le-Orlando Pirates amandla ukuze baqine njengoba beyomela iNingizimu Afrika kwiCaf Confederation Cup eTanzania.” 

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwasuka esinamathambo phakathi kwalamaqembu ngesikhathi ehilizisana e-Orlando Stadium ngasekuqaleni konyaka.

Lokhu kwakulandela ukunqatshelwa kukaTim Sukazi ongumengameli weGalaxy ukuba angene egunjini lokushintshela labadlali bakhe.

Lesi sehlakalo bekunenkolelo yokuthi sadala ukungezwani phakathi kwala maqembu kwazise kwagcina sekukubi sekuqhamuka nezinsolo zokushayana.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.