IGalaxy iqhubekile nokuqoqa amaphuzu ibambela iSuperSport ekhaya

SIHLE NDLOVU

I-TS Galaxy ibuye nephuzu elibalulekile eLucas Moripe Stadium, ngemuva kokubambana neSuperSport United ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership, ngoLwesihlanu ntambama.

Ezika-Owen da Gama beziye kulo mdlalo zishayela phezulu vele ngemuva kokwephula irekhodi leSwallows FC lokungashaywa, lapho beyishaye khona ngo 2-1 ngoLwesibili koweligi.

IGalaxy iyona ebukeke impintshele ekhoneni kakhulu iSuperSport ngesiwombe sokuqala, yize neqembu lasekhaya belizama ukufika emapalini ezivakashi. Okucacise ukuhlasela kweRockets ukuthi iyona ethole amakhona amaningi ngesiwombe sokuqala, nobekwenziwa ukuthi ibiphoqa abadlali basemuva baMatsatsantsa a Pitori ukuthi baqumuze ibhola noma yikuphi sekuvalwe amehlo. IGalaxy ithole amakhona amahlanu kwathi iSuperSport yathola eyodwa kuphela kulesi siwombe.

Ngomzuzu ka-43 uTeboho Mokoena weSuperSport ucishe waqeda ngokuhlasela kweGalaxy kodwa ibhola lakhe lakhe laphuma phezu kwepali. Ngemuva kwalokho kubukeke kuyiSuperSport ebifuna ukuthi iye ekhefini isithole igoli. Nokho ziye ekhafini zibambene ngo 0-0.

Isiwombe sesibili siqale zisathengana futhi kucaca ukuthi umdlalo uyavutha. Ngomzuzu ka-55 uLindokuhle Mbatha uthole ithuba elihle lokuzwa amanzi ngobhoko kuRonwen Williams emapalini eSuperSport kodwa ibhola waliqondisa ngqo kulo nozinti weBafana Bafana, wathula nalo. Ngomzuzu ka-61 uTeboho Mokoena wenze okufana ncamashi, ibhola walikhahlela laqonda kunozinti weGalaxy, uMarlon Heugh, wafa nalo.

Ziqhubekile nokuthengana ibhola liya ngapha liphinde liye ngapha, bengasabani hlobo abadlali. Ngomzuzu ka-77 iGalaxy yehlelwe wumshophi uSphiwe Mahlangu ethola ikhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uSipho Mbule, amkeqe ngemuva, phambi kukanompempe.

Womabili amaqembu awazibekanga phansi njengoba ebezama ukuthola igoli lokuwina emizuzwini yokugcina kodwa kwagcina kungavumanga. Ukudlala ngokulingana kwala maqembu kuqinisekise ukuthi iSuperSport ayinyakazi endaweni yesibili kwi-log, kanti neGalaxy isahleli endaweni yesishiyagalombili.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *